Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/98 k. 1
  • Bayabona Ukuthi Sihlukile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bayabona Ukuthi Sihlukile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvuna Ngokomzamo Wethu Ngabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Umyalezo Okumelwe Siwumemezele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • UJehova Uqondisa Inhlangano Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 12/98 k. 1

Bayabona Ukuthi Sihlukile

1 Ngonyaka odlule, abantu abangaphezu kuka-300 000 bazihlanganisa nathi ngokubhapathizwa. Yini laba bantu abaye bayibona koFakazi BakaJehova ebenza bafune ukuba yingxenye yenhlangano kaNkulunkulu? Kungani sihlukile kuzo zonke ezinye izinkolo? Nazi ezinye izimpendulo ezisobala:

—Sinamathela eBhayibhelini kunasemibonweni yomuntu siqu: Sikhulekela uJehova uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso,” njengoba nje uJesu Kristu athi kufanele senze kanjalo. Lokhu kuye kwasho ukulahla amanga angokwenkolo nokuvumelana neZwi likaNkulunkulu elilotshiwe.—Joh. 4:23, 24; 2 Thim. 3:15-17.

—Siya kubantu kunokuba sibalinde beze kithi: UKristu usithume ukuba sishumayele futhi sifundise, futhi silingisa isibonelo sakhe sokufuna abanhliziyo ziqotho. Sibafuna emakhaya abo, emigwaqweni nanoma kuphi lapho bengase batholakale khona.—Math. 9:35; 10:11; 28:19, 20; IzE. 10:42.

—Sinikeza bonke abantu imfundo yeBhayibheli mahhala: Sisebenzisa impahla yethu namandla mahhala, sinikele ngamahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane unyaka ngamunye enkonzweni kaNkulunkulu. Asikhethi, sifunda iBhayibheli nabantu bazo zonke izinhlobo.—Math. 10:8; IzE. 10:34, 35; IsAm. 22:17.

—Siqeqeshwe kahle ukuba sisize abantu ngokomoya: Ngesifundo somuntu siqu seBhayibheli nangemfundo etholakala emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda neyesigodi, sithola imfundo engokwasezulwini eqhubekayo neyigugu, esenza sikwazi ukukhanyisela abanye ngokomoya.—Isaya 54:13; 2 Thim. 2:15; 1 Pet. 3:15.

—Iqiniso silithatha ngokungathi sína, silisebenzise ekuphileni kwethu kwansuku zonke: Ngenxa yokuthi siyamthanda uNkulunkulu, senza izinguquko, sivumelanise ukuphila kwethu nentando yakhe. Ubuntu bethu obusha obunjengobukaKristu budonsela abanye eqinisweni.—Kol. 3:9, 10; Jak. 1:22, 25; 1 Joh. 5:3.

—Sizama ukuphila nokusebenza nabanye ngokuthula: Ukuhlakulela izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu kusisiza ukuba siqaphele izenzo nokukhuluma kwethu. ‘Sifuna’ ukuhlala nabo bonke abantu ‘ngokuthula futhi sikuphishekele.’—1 Pet. 3:10, 11; Efe. 4:1-3.

2 Izibonelo zokuphila kobuKristu abantu abazibona enhlanganweni kaJehova zishukumisela abaningi ukuba bamukele iqiniso. Kwangathi isibonelo sethu siqu singaba nethonya elifanayo kulabo abasaziyo nabasibonayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela