IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kusafaneleka ukuqhubela umzalwane noma udade opholile isifundo seBhayibheli lapho kusho omunye wamalungu eKomiti Yenkonzo Yebandla?
Abadala banomthwalo wemfanelo wokwalusa ibandla, kuhlanganise nanoma imaphi amalungu asepholile. Bayawavakashela bese bethola ukuthi iluphi usizo abangalunikeza umuntu ngamunye. Lapho kufaneleka khona, lokhu kungahlanganisa ukusikisela inzuzo yesifundo seBhayibheli somuntu siqu kulowo osepholile. Incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ikhasi 103, iyachaza ukuthi iKomiti Yenkonzo Yebandla iyonquma ukuthi ubani ongase azuze kulelo lungiselelo.
Umbonisi wenkonzo uyena onqumayo ukuthi ubani ongalunikeza kangcono lolo sizo, iziphi izihloko okufanele zifundwe, futhi iyiphi incwadi engase ibe usizo kakhulu. Mhlawumbe umuntu owamfundela ekuqaleni noma othile amaziyo namhloniphayo angase abe sesimweni esihle sokusiza. Kungase kucelwe udade onekhono novuthiwe ukuba asize udade opholile. Ngokuvamile ngeke kudingeke ukuba lowo owabelwe ukuqhuba leso sifundo ahambe nomunye ummemezeli. Uma kuyisabelo asinikeziwe, lo mmemezeli oqhuba isifundo angase asibale isikhathi, izimpindelo kanye nesifundo.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1987, amakhasi 1-2.
Njengoba lo mfundi engumuntu obhapathiziwe, ngokuvamile ngeke kudingeke ukuba lesi sifundo siqhubeke isikhathi eside. Umgomo uwukusiza umuntu opholile ukuba abuye aqale ukuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla futhi abe ummemezeli wezindaba ezinhle ophuma njalo. Umbonisi wenkonzo uyonakekela intuthuko eyenziwayo kulezo zifundo. Lolu sizo lothando kufanele lwenze ukuba laba bazalwane nodade bakwazi ukuthwala umthwalo wabo wemfanelo phambi kukaJehova futhi ‘bagxile ngokuqinile futhi bame esisekelweni’ seqiniso.—Efe. 3:17; Gal. 6:5.