Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/98 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 11/98 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile. Ngo-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R9,00 lapho uhambisa enoqwembe oluqinile, ngo-R7,75 enoqwembe oluthambile. Ngo-January: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ihambisana nencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R19,00, noma ihambisana nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R11,50. Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile.

◼ Amabandla kufanele a-ode izimemo zawo zeSikhumbuzo zango-1999 efomini lawo le-Literature Order (S-14). (Ngeke lisaba khona ifomu lokuzi-oda elihlukile.) Izimemo zitholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Kufanele ni-ode ngamaqoqo ekhulu ulimi ngalunye. Zibiza u-R1,80 eziyikhulu. Amabandla anezikweleti kuma-akhawunti awo kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Sicela ni-ode ngokuhlakanipha ngoba zinikezwa abantu abanesithakazelo kuphela, azinikezwa uwonkewonke.

◼ Mbonisi owengamele: Sicela ukuba uqikelele ukuthumela umbiko weSabelo Sensimu Engabelwe (S-91) eNhlanganweni nanoma ikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo ngaphambi kokuba kudlule u-November 17, 1998. Qikelela ukuba ufake isitembu esifanele emvilophini enkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela