Sebenzela Ukuphumelela Enkonzweni Yakho
1 Amafu aba mnyama, umsindo owesabekayo uba mkhulu kangangokuba uvala izindlebe. Kwehla ifu elinjengentuthu. Kwenzekani? ibutho elikhulu lesikhonyane lizokonakalisa izwe ngokuphelele! Lesi senzakalo esachazwa umprofethi uJoweli siyagcwaliseka namuhla emsebenzini wokushumayela owenziwa izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe kanye nabangane bazo, isixuku esikhulu.
2 INqabayokulinda ka-May 1, 1998, ikhasi 11, isigaba 19, yaphawula: “Ibutho likaNkulunkulu lesikhonyane lanamuhla liye lanikeza ubufakazi obungashwampuluzi ˈemziniˈ weLobukholwa. (Joweli 2:9) . . . Lisaqhubeka linqoba zonke izithiyo futhi lingena ezigidini zemizi, liya kubantu emigwaqweni, likhuluma nabo ngocingo, futhi lithintana nabo nganoma iyiphi indlela okungenzeka ngayo njengoba limemezela isigijimi sikaJehova.“ Akulona yini ilungelo elimangalisayo ukuhlanganyela kulo msebenzi esiwunikwe uNkulunkulu?
3 Ngokungafani nesikhonyane esingokoqobo, esinenjongo yokuzondla sona kuphela, thina njengezinceku zikaJehova sikukhathalela kakhulu ukuphila kwalabo esishumayela kubo. Sifuna ukusiza abanye ukuba bafunde amaqiniso amangalisayo aseZwini likaNkulunkulu futhi bashukumiseleke ukuba bathathe izinyathelo eziyobaholela ensindisweni yaphakade. (Joh. 17:3; 1 Thim. 4:16) Ngakho sifuna ukuba nempumelelo endleleni esiyifeza ngayo inkonzo yethu. Kungakhathaliseki Kuthi iyiphi indlela yokushumayela esiyisebenzisayo, kufanele sicabangele ukuthi siyenza ngendlela nangesikhathi esiyoveza izithelo ezinhle kakhulu. Njengoba ˈisimo salelizwe sishintsha,ˈ siyobe senza kahle uma sihlaziya izindlela esizisebenzisayo nendlela esixoxa ngayo nabantu ukuze siqiniseke ukuthi sihlangabezana nenselele yokuba nezithelo eziningi ngangokunokwenzeka.−1 Kor. 7:31.
4 Nakuba sizama ukuxhumana nabantu ngezindlela eziningi, umsebenzi wendlu ngendlu useyinsika yenkonzo yethu. Ingabe ngokuvamile uthola abantu bengekho emakhaya noma besalele lapho ubahambele? Yeka indlela okukhungathekisa ngayo, ngoba awukwazi ukuhlanganyela nabo isigijimi sezindaba ezinhle! Ungahlangabezana kanjani nale nselele?
5 Vumelana Nezimo Futhi Ulinganisele:
Kwa-Israyeli ngekhulu lokuqala leminyaka, abadobi babedoba ebusuku. Kungani babe-doba ebusuku? Nakuba lesi kwakungesona isikhathi esibalungele ngempela, kwakuyisikhathi esihle kakhulu sokubamba izinhlanzi eziningi. Kwakuyisikhathi esinezithelo kakhulu. Ikhuluma ngalo mkhuba, INqabayokulinda ka-June 15, 1992, yathi: “Nathi futhi kufanele sihlole insimu yethu ukuze siyodoba, ngomqondo ongokomfanekiso, lapho abantu abaningi besekhaya futhi bethambekele eku-laleleni.“ Ukuqaphelisisa imikhuba yomphakathi kuye kwabonisa ukuthi emadolobheni amaningi nasemizini yabantu, mhlawumbe abantu basuke bekhona emakhaya uma sibahambela ekuseni ngoMgqibelo nangeSonto, kodwa ngokuvamile abasilaleli lapho sibahambela ngaleso sikhathi. Uma kunjalo enda-weni yakini, ingabe ningasishintsha isikhathi enibahambela ngaso sibe semini yasekuseni noma sibe ntambama? Lena indlela enhle yokwandisa impumelelo yethu enkonzweni neyokubonisa ukucabangela omakhelwane bethu, okuwubufakazi bothando lweqiniso lobuKristu.−Math. 7:12.
6 KweyabaseFilipi 4:5, umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi kufanele ˈukuba nengqondo kwethu kwaziwe yibo bonke abantu.ˈ Ngokuvumelana nalesi siqondiso esiphefumulelwe, sifuna ukuba abalinganiselayo nabanengqondo ezindleleni esizisebenzisayo ekufezeni isabelo sethu sokushumayela ngentshiseko. Asifuni ˈukugodla ukufundisa obala nasendlini ngendlu,ˈ kodwa sifuna ukuqiniseka ukuthi inkonzo yethu yendlu ngendlu siyenza ngezikhathi ezibonisa ukucabangela nezinezithelo. (IzE. 20:20) Njengabadobi bakwa-Israyeli bekhulu lokuqala, asikhathaleli ˈukudobaˈ ngezikhathi ezilungele thina, kodwa kunalokho ngezikhathi esingathela ngazo izithelo kakhulu.
7 Ikuphi ukulungisa okungase kwenziwe? Ngokuvamile, imihlangano yenkonzo yasensimini ngoMgqibelo nangeSonto iqhutshwa ngo-9:00 noma ngo-9:30 ekuseni, okuthi ngemva kwayo amaqembu ngokushesha aqale umsebenzi wendlu ngendlu. Nokho, ezinye izindikimba zabadala ziye zahlela ukuba iqembu lihlanganyele kwezinye izici zenkonzo, ezinjengokufakaza emgwaqweni, ensimini yamabhizinisi, noma ezimpindelweni, ngaphambi kokuya endlini ngendlu ezi-ndaweni ezinemizi yabantu. Amanye amabandla aye amisa izikhathi zomhlangano wenkonzo yasensimini ukuba zibe semini yasekuseni−ngo-10:00 ekuseni, ngo-11:00 ekuseni, noma ngo-12:00 emini. Ngemva kwalokho, iqembu livele liqale emsebenzini wendlu ngendlu kuze kube ntambama. Kwamanye amasimu, kungcono kakhulu ukuba nomhlangano wenkonzo yasensimini ntambama kunase-kuseni. Ukwenza ushintsho olunjalo kungaba nesandla ekubeni nezithelo emsebenzini wendlu ngendlu.
8 Bonisa Ukuqonda Nesu Lokungacunuli: Lapho sixoxa nabantu endlini ngendlu, basabela ngezindlela ezihlukahlukene esigijimini sethu. Abanye abaninikhaya bayalalela, abanye abanaki, kanti abanye bangase baphikise noma babe nolaka. Uma bephikisa futhi beba nolaka, encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo ikhasi 7, sikhunjuzwa ukuthi asifuni “ˈukuphumelela ekuphikisaneniˈ nabantu abangabonisi nhlonipho ngeqiniso.“ Uma umninikhaya elwa, kungcono sihambe. Akufanele sicasule abantu ngokubaphoqelela ukuba bavume ukuxoxa nathi noma bamukele umbono wethu. Asibaphoqeleli ngenkani abantu ukuba bamukele isigijimi sethu. Lokho ngeke kubonise ukuba nengqondo futhi kungase kubangele abanye oFakazi kanye nomsebenzi ngokwawo izinkinga.
9 Ngaphambi kokuba uqale ukusebenza insimu, kuwukuhlakanipha ukubheka ikhadi lensimu ukuze ubone amakheli emizi okwathiwa singangeni kuyo. Uma ekhona amakheli anjalo, ummemezeli ngamunye osebenza kulowo mgwaqo kufanele atshelwe ukuth kukuphi lapho okufanele angangeni khona. akekho umuntu okufanele azinqumele ukungena kuleyo mizi engaqondiswanga umbonisi wenkonzo.−Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1994.
10 Singaphumelela ngokwengeziwe ngokuba abaqondayo lapho sisebenza endlini ngendlu. Funda isimo njengoba ungena ekhaya. Ingabe avaliwe wonke amakhethini? Ingabe ukhona umsindo obonisa ukuthi kunomuntu endlini? Lokhu kungase kubonise ukuthi abakhona basalele. Ngokunokwenzeka siyoba nengxoxo enezithelo nomninikhaya uma sibuya kamuva. Mhlawumbe kungangcono ukudlula kulo muzi okwangaleso sikhathi, ubhale inombolo yendlu. Ungase uphindele kulowo muzi ngaphambi kokuba nisuke kule nsimu ubhale ukuthi uzophindela futhi ngemva kwesikhashana esithile.
11 Ziyoba khona izimo lapho siyovusa khona othile noma simphazamise singaqondile Angase abonakale ecasukile noma ethukuthele. Kufanele sisabele kanjani? IzAga 27 ziyeluleka: “Onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.“ Nakuba singaxolisi ngokuthi senza inkonzo yethu, ngokuqinisekile singaxolisa kakhulu ngokuthi sifike ngesikhathi esingafanele. Singabuza ngomoya ophansi ukuthi singaba ngcono yini esinye isikhathi bese sisikisela ukuthi sizobuya. Ukuzwakalisa ukukhathalela ngezwi elimnene kuvame ukuwehlisa umoya womuntu onjalo. (Izaga 15:1) Uma umninikhaya esitshela ukuthi uvame ukusebenza ebusuku, kungabhalwa okuthile kugcinwe nekhadi lensimu ukuze nge khathi esizayo kuziwe ngesikhathi esifanele.
12 Ukuqonda kuyafaneleka futhi lapho sizama ukusebenza insimu yethu ngokungashwampuluzi. Njengoba abantu abaningi bengatholakali emakhaya lapho sibahambela okokuqala, kudingeka senze eminye imizamo yokuthintana nabo ukuze sihlanganyele nabo isigijimi sensindiso. (Roma 10:13) Imibiko ibonisa ukuthi ngezinye izikhathi abamemezeli baphindela endlini eyodwa izikhathi eziningi ngosuku olulodwa bezama ukuthola abantu ekhaya. Omakhelwane bayakuqaphela lokhu. Bangase babe nombono ongemuhle wokuthi oFakazi BakaJehova ˈabapheliˈ emigwaqweni yabo. Kungagwenywa kanjani lokhu?
13 Sebenzisa ukuqonda. Lapho uphindela kwabebengekho emakhaya, ingabe zikho-na izinkomba zokuthi sekunomuntu okhona ekhaya? Uma kunezincwadi noma izi-khangiso zezentengiselwano ebhokisini leposi, cishe kusuke kungenamuntu futhi ukuphinde uyongqongqoza emnyango kungase kungabi nazithelo. Uma kungatholakali muntu ngemva kokuphindela izikhathi ezimbalwa ezihlukahlukene zosuku, njengakusihlwa, kungase kuthintwane nomninindlu ngocingo. Uma kungenjalo, ngokuhlakanipha kungase kushiywe ipheshana noma isimemo ngapha-nsi komnyango, ikakhulukazi uma leyo nsimu ihlanganiswa njalo. Kungenzeka lowo muntu abonwe esikhathini esizayo lapho nisebenza leyo nsimu.
14 Kufanele sikugweme ukukhuluma nomninikhaya isikhathi eside emnyango uma isimo sezulu singesihle. Uma ungeniswa endlini, kuqaphele ukungangcolisi phansi. Sebenzisa ukwahlulela okuhle lapho ukhonkothwa yinja. Lapho ukhuluma ezakhiweni ezinamakamelo ahlukahlukene, ungamemezi futhi gwema ukubanga umsindo ophazamisa abanye aba-kuleso sakhiwo nobatshela ukuthi ukhona.
15 Hleleka Futhi Uhlonipheke: Umasihleleke kahle singakugwema ukwakha amaqembu amakhulu, aqaphelekayo abuthana ensimini. Abanye abaninikhaya bangase bangenwe itwetwe uma bebona izimoto eziningi namaveni kuma phambi komuzi wabo kuneqembu elikhulu labamemezeli. Asifuni ukunikeza umbono wokuthi “sihlasela“ imizi yabantu. Amalungiselelo okusebenza insimu enziwa kangcono kakhulu emhlanganweni wenkonzo yasensimini. Amaqembu amancane abamemezeli, njengomkhaya, awabethusi abaninikhaya futhi awadingi ukuhlelwa njalo njengoba kusetshenzwa insimu.
16 Ukuhleleka kudinga ukuba abazali baqondise kahle ukuziphatha kwezingane zabo lapho besebenza ensimini. Izingane kufanele ziziphathe kahle lapho zihamba indlu nendlu nabantu abadala. Izingane akufanele zivunyelwe ukuba zidlale noma zibe uvanzi, zidonse ukunaka kwezakhamizi noma abadlula ngendlela ngokungadingekile.
17 Kuyadingeka nokulinganisela endabeni yamakhefu okuphuza ikhofi. INkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1995, ikhasi 3, yathi: “Lapho sisenkonzweni yasensimini, singalahlekelwa isikhathi esiningi ngokuthatha amakhefu okuphuza ikhofi. Nokho, uma isimo sezulu singesihle, ukuthatha ikhefu kungasiqabula futhi kusisize ukuba siqhubeke. Noma kunjalo, abaningi bakhetha ukuqhubeka bematasa ngokufakaza kubantu futhi badele ukuhlangana nabazalwane ukuze kuphuzwe ikhofi ngesikhathi esibekelwe inkonzo.“ Nakuba ukuma ukuze uthole okuphuzwayo kuyi-sinqumo somuntu siqu, kuye kwaphawulwa ukuthi ngezinye izikhathi, amaqembu amakhulu abazalwane nodade ahlangana emathilomu noma ezindaweni zokudla. Ngaphandle nje kwesikhathi esichithwayo kwenziwa okuphuzwayo, ukuba khona kweqembu kungabethusa abanye abathengi. Ngezinye izikhathi, abazalwane bayaye baxoxe ngamazwi aphakeme ngokuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini yasekuseni, futhi lo-khu kungenza inkonzo yethu ingabi nesithunzi futhi ingaphumeleli. Ngokuqonda, abamemezeli bangakugwema ukuba babe baningi kakhulu endaweni eyodwa futhi bachithe isikhathi senkonzo ngokungadingekile.
18 Abaningi baye bathola imiphumela emihle ngokuxoxa nabantu noma kuphi lapho betholakala khona−emigwaqweni, ezindaweni zokupaka izimoto nakwezinye izindawo zomphakathi. Nalapha futhi sifuna ukunikeza ubufakazi obuhle, hhayi nje ngamazwi ethu ku-phela kodwa nangokubonisa ukucabangela. Abamemezeli bebandla ngalinye kufanele baqikelele ukuba bahloniphe imingcele yensimu yabo ukuze bangacinanisi abantu abahamba ngezinyawo ezindaweni zezentengiselwano naseziteshini noma izisebenzi kwezamabhizinisi, njengasemagalaji avula amahora angu-24. Ukuze siqikelele ukuthi inkonzo yethu siyifeza ngokuhleleka nangokuhlonipheka, siyosebenza insimu esiyabelwe kuphe-la, ngaphandle kwalapho kwenziwe amalungiselelo akhethekile neKomiti Yenkonzo yelinye ibandla, ukuze linikezwe usizo oluthile. −Qhathanisa neyesi-2 Korinte 10:13-15.
19 Amanye amabandla anezindawo eziningi okungase kwenziwe kuzo ukufakaza kwasobala aye azihlela lezi zindawo ukuba zibe amasimu. Khona-ke ummemezeli ngamunye noma iqembu libe selinikwa ikhadi lensimu. Lokhu kwenza ukuba insimu ihlanganiswe kahle futhi kuvimbela ukunqwabelana kwabamemezeli abasebenza indawo efanayo ngesikhathi esifanayo, ngokuvumelana nesimiso esikweyoku-1 Korinte 14:40: “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.“
20 Ukubukeka kwethu siqu kufanele kuhlonipheke futhi kufanele izikhonzi eziphethe igama likaJehova. Kungokufanayo nangezinto esizisebenzisayo. Izikhwama ezidabukile namaBhayibheli anamakhasi agobekile noma angcolile kuthunaza isigijimi soMbuso. Kuthiwa indlela ogqoke ngayo nozilungise ngayo “iyindlela esheshayo yokuchazela umphakathi okuzungezile ukuthi ungubani nokuthi uyini nokuthi ungena kuphi ohlelweni lwezinto.“ Khona-ke, akufanele sibukeke singamanuku nabanganaki, noma sizilungise ngokweqile, kodwa kufanele njalo ˈkufanele izindaba ezinhle.ˈ−Fil. 1:27; qhathanisa neyoku-1 Thimo-thewu 2:9,10.
21 Kweyoku-1 Korinte 9:26, umphostoli uPawulu uthi: “Indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile; indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya.“ Silingisa uPawulu, sizimisele ukufeza inkonzo ephumelelayo nenezithelo. Njengoba sihlanganyela ngentshiseko emsebenzini wo-kufakaza njengengxenye ˈyebutho likaJeho-va lesikhonyaneˈ lanamuhla, kwangathi singa-sebenzisa ukucabangela kobuKristu nokuqonda lapho siyisa isigijimi sensindiso kubo bonke abasensimini yethu.
Ukukhonza Lapho Kunendingeko Enkulu Khona
Njengoba kwaboniswa kuyi-Nkonzo Yethu Yo-Mbuso ka-November 1997, ikhasi 1, manje sininikeza uhlu lwezindawo ezinesidingo sabadala, izinceku ezikhonzayo namaphayona. Noma ubani, oshadile noma ongashadile, ongathanda ukuthuthela kwenye yalezi zindawo kufanele abukeze ukwaziswa okusencwadini ethi Ukuhlelelwa, ikhasi 112 abese exoxa ngakho nabadala bebandla lakhe. Zizwe ukhululekile ukubhalela igatsha ukuze uthole okunye ukwaziswa nganoma iziphi zalezi zindawo.
E-Amsterdam: Kudingeka amaphayona ngokuphuthumayo ukuba ayosiza ekuhlanganiseni insimu yabo enkulu. Kunabantu abaningi abathakazelayo kodwa kunabamemezeli abambalwa bokunakekela bonke labo bantu.
ECarolina: Kunebandla elinabamemezeli abangu-9, alinabo abadala noma izinceku ezikhonzayo. Kudingeka amaphayona ngokuphuthumayo, abadala nezinceku ezikhonzayo ukuba bayohola.
EChibini: Kuneqembu labamemezeli abane abangabodwa. Kudingeka amaphayona ngokuphuthumayo ukuba ayosiza ekuhlanganiseni insi-mu yalo nasekuqhubeni imihlangano yebandla.
EDriefontein: Eduze kwasePiet Retief. Kunebandla elinabamemezeli abangu-21, alinabo abadala noma izinceku ezikhonzayo. Kudingeka abadala nezinceku ezikhonzayo ngokuphuthumayo ukuba bayohola.
Ekuvukeni: EWasbank, eduze naseLadysmith. Ibandla elinabamemezeli abangu-33, alinabo abadala. Kudingeka abadala ngokuphuthumayo ukuba bazohola.
Emoyeni: EBergville. Kunebandla elinabame-mezeli abangu-15, alinabo abadala nezinceku ezikhonzayo. Kudingeka amaphayona, abadala nezinceku ezikhonzayo ngokuphuthumayo ukuba bayohola. Linensimu enkulu.
EHluvukani: Kudingeka amaphayona ngokuphuthumayo ukuba ayosiza ekuhlanganiseni insimu enkulu. Kunabantu abaningi abathakazelayo kodwa kunabamemezeli abambalwa bokunakekela bonke labo bantu.
EKameelpoort: Eduze naKwaMhlanga. Kunebandla elincane elinensimu enkulu. Kudingeka amaphayona azonakekela abantu abathakazelayo ensimini.
ELonasia East: Kunomdala oyedwa okhonza kuleli bandla elinabamemezeli abangu-58. Kudingeka abadala abengeziwe ngokuphuthumayo.
KwaSokhulu: Kunebandla elinabamemezeli abangu-11, alinabo abadala nezinceku ezikhonzayo. Kudingeka amaphayona, abadala nezinceku ezikhonzayo ngokuphuthumayo ukuba bayohola. Kunabantu abaningi abanesithakazelo kodwa bambalwa abamemezeli bokunakekela bonke labo bantu.
ETumahole: EParys. Ibandla elinabamemezeli abangu-46 lidinga abadala abengeziwe ngokuphuthumayo. Okwamanje leli bandla linomdala oyedwa.