Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/98 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 10/98 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-October: Omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile. Ngo-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R9,00 lapho kuhanjiswa enoqwembe oluqinile, ngo-R7,75 enoqwembe oluthambile. Ngo-January: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R19,00, noma nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R11,50.

◼ Isenezelo sale-Nkonzo Yethu YoMbuso yi‘Simiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sango-1999’ futhi kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe kuwo wonke u-1999.

◼ Uma izikhathi zemihlangano zebandla lakini zizoshintsha ngo-January 1, kungase kube nesidingo soku-oda izimemo ezintsha ezibonisa izikhathi ezintsha.

◼ NgoMgqibelo, October 17, 1998, iKhaya LaseBethel nefektri kuyobe kuvaliwe. Ngeke abe khona amalungiselelo okubuka indawo noma okuba amabandla azolanda izincwadi ngalolo suku.

◼ Amabandla manje asenga-oda itekisi lonyaka ka-1999, elitholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu ngo-R16,00 lilinye, imali yalo iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweleti eseqile kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla achome itekisi lonyaka elisha ngo-January 1, 1999.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1999 e-odeni lawo lezincwadi kusukela ngo-October 1. Lezi zincwajana zizotholakala ngesiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu. Kuze kube yilapho lezi zincwajana sezitholakala futhi sezithunyelwe, kuyobhalwa ukuthi “Zisazothunyelwa” kuyi-invoice yebandla. Incwajana zethi Ukuhlola ImiBhalo ziyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-R2,50 iyinye, okuyinani labamemezeli namaphayona. Amaphayona avamile nakhethekile abesohlwini ngaphambi kuka-July 1, 1998 angathola eyodwa ngesihle. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Izincwadi ezinikezwe amaphayona mahhala kufanele ziboniswe ngokuhlukile efomini leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Kufanele zi-odwe ngebandla. SIKHUTHAZA WONKE AMALUNGU OMKHAYA, KUHLANGANISE NEZINGANE EZIKWAZIYO UKUFUNDA, UKUBA ABE NEZINCWAJANA ZAWO SIQU.

◼ INhlangano ithanda ukubonga bonke abaye banikela eSikhwameni Sezindleko Zokuhamba Zezithunywa Zevangeli Sika-1998, ngoba izithunywa zevangeli neZisebenzi Zokwakha Zakwamanye Amazwe ezingu-55 zakwazi ukuya emakhaya ngenjongo yemihlangano yesigodi. Khona-ke asisekho isidingo sokunikela kulesi sikhwama. Iminikelo yenu evamile emsebenzini woMbuso iyaziswa kakhulu.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Usuku lomhlangano wesigodi olandelayo lushintshile:

January 1-3, 1999: EGaborone

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

I-Watch Tower Publications Index 1997 (ibandla, umphakathi namaphayona: R2,50)—ngesiNgisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela