Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kokwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-May 4 kuya ku-August 24, 1998. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:
1. Ngokokulandisa kweBhayibheli, uPawulu wavakashela eKorinte izikhathi ezintathu. [si-ZU k. 214 isig. 3]
2. Izinyathelo okufanele zithathwe ngaphambi kobhapathizo lobuKristu ziqala ngokungenisa ezinhliziyweni zethu ulwazi olunembile ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu. [kl-ZU k. 173 isig. 7]
3. Intshiseko eyeqile yokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso ayenzi kufaneleke ukungabi nesu lokungacunuli, ukungabi naluzwela kanye nomusa lapho usebenzelana nabanye. (1 Kor. 13:2, 3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 10/15 k. 31 isig. 5.]
4. Singazenza sikufanelekele ukuphila ngokukhonza uJehova uNkulunkulu. [kl-ZU k. 182 isig. 4]
5. Umbhalo wabaseGalathiya 5:26 uyenza ingafaneleki yonke imidlalo yokuncintisana kumaKristu eqiniso. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-g95-ZU 12/8 k. 15 isig. 8.]
6. Lapho uPawulu kweyesi-2 Korinte 10:4 ethi “izikhali zempi yethu azizona ezenyama,” wayegcizelela ukuthi amaKristu akufanele aphendukele ekusebenziseni izikhali zenyama, ezinjengobuqili, ukukhuluma ngendlela evelele, noma izikhali zokulwa ukuba avikele ibandla ezimfundisweni zamanga. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-rs-ZU k. 310 isig. 2.]
7. Incwadi eya kwabaseFilipi yabhalwa uPawulu ngemva nje kwezinyanga ezimbalwa emise ibandla laseFilipi, futhi yabhalwa ngenxa yezinkinga ezingathi sína ezazikhona phakathi kwabo. [si-ZU k. 224 isig. 3]
8. UJesu “kwathiwa ulungile emoyeni,” njengoba kushiwo kweyoku-1 Thimothewu 3:16, ngokuthi lapho evuswa avuzwe ngokuphila komoya; lokhu kwafana nokuthi uNkulunkulu uthi uJesu wayelunge ngokuphelele futhi efanelwe ezinye izabelo eziphakeme. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 1/15 k. 13 isig. 12.]
9. “Ukukhululwa” okukhulunywa ngakho kweyabaseFilipi 1:23 ngokusobala kuyithemba likaPawulu lokuba noKristu ngokushesha ngemva kokufa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 3/1 k. 30 isig. 4.]
10. UPawulu waloba eyokuQala kuThimothewu phakathi nesikhathi sokukhululwa kwakhe ekuboshweni kokuqala eRoma nokuboshwa kwakhe kokugcina lapho. [si-ZU k. 234 isig. 2]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Kungayiphi indlela abanye eKorinte ababedla ngayo izifanekiselo “ngokungafanele” lapho babehlanganele ukuzogubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu? (1 Kor. 11:27) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 2/15 k. 19 isig. 17.]
12. Ukuba khona kobani okwakusongela inhlalakahle yebandla laseKorinte, okwashukumisela uPawulu ukuba abhale incwadi yakhe yesibili eya eKorinte? [si-ZU k. 214 isig. 2]
13. UJehova uyosibuyisela kanjani nganoma yini esingase siyidele ukuze simkhulekele? [kl-ZU k. 169 isig. 20]
14. Yini eye yafezwa ngokudlulisela amacala ezinkantolo eziphakeme ngezindaba ezithinta ukukhulekela kweqiniso? [jv-ZU k. 683 isig. 4]
15. Ekusebenziseni kwakhe iZwi likaNkulunkulu, uPawuIu uyisibonelo esihle kanjani ezikhonzini ezingamaKristu namuhla? [si-ZU k. 217 isig. 19]
16. Wayesho ukuthini umphostoli uPawulu uma ethi uMthetho “wanezelwa ukuze wenze ukweqa umthetho kubonakale”? (Gal. 3: 19) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-uw-ZU k. 146-7 izig. 3-4.]
17. KweyabaseFilipi 1:3-7, yiziphi izizathu ezenza uPawulu ancome abazalwane, futhi singazuza kanjani esibonelweni sabo? [si-ZU k. 225 isig. 12]
18. Kungani kufanele zonke izikhonzi ezingamaKristu zilandele iseluleko esikweyabaseKolose 4:6? [si-ZU k. 228 isig. 13]
19. Yini umphostoli uPawulu ayeyisho lapho ethi ufisa ukuba abesifazane “bazihlobise . . . ngesizotha”? (1 Thim. 2:9) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-g90-ZU 6/22 k. 19 isig. 2.]
20. Kungani kufanele amaKristu alalele isixwayiso sikaPawulu esikweyoku-1 Thimothewu 6:4 ngokuphathelene ‘nezinkulumo-mpikiswano ngamazwi’? [si-ZU k. 236 isig. 15]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. Ngo-___________________, kwasayinwa isivumelwano phakathi _____________ neJalimane lobuNazi futhi uHitler waqala umkhankaso wokuqothula __________________ eJalimane. [jv-ZU k. 659 isig. 2]
22. Incwadi kaPawulu yokuqala eya kwabaseKorinte iyazuzisa kakhulu ekwandiseni ukuqonda kwethu ________________ ecaphuna kaningi kuyo. [si-ZU k. 213 isig. 23]
23. Encwadini yakhe eya kwabaseGalathiya, uPawulu ubonisa ukuthi ukufaneleka kutholakala ______________________________ kuJesu Kristu, hhayi ngemisebenzi ____________________ futhi ngenxa yalokho akudingekile ukuba amaKristu _________________________. [si-ZU k. 218 isig. 6]
24. Encwadini yakhe yokuqala eya kwabaseThesalonika, uPawulu ukhuluma __________________________________ kukaJesu Kristu izikhathi ezine ngokusobala ngenxa yokuthi ibandla lalinesithakazelo kule mfundiso. [si-ZU k. 231 isig. 15]
25. Incwadi yesibili eya kwabaseThesalonika yabhalwa ____________________________ ese- ______________________ ngonyaka ka-_____________________________. [si-ZU k. 232 isig. 4]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Lapho ekhuluma ngelungelo lakhe lokuphila ngenkonzo, uPawulu ubhekisela (kuyiTalmud; iMishnah; eMthethweni kaMose), owawuthi izilwane ezisebenzayo akufanele zifakwe isifonyo nokuthi (amaLevi; amaNethini; umkhaya wobupristi ka-Aroni) enkonzweni yethempeli ayethola isabelo sawo e-altare. [si-ZU k. 213 isig. 24]
27. Incwadi kaPawulu eya kwabaseGalathiya inikeza incazelo ka-Isaya 54:1-6, eveza owesifazane kaJehova (njengeJerusalema lasemhlabeni; njengeJerusalema eliphezulu; njengeJerusalema Elisha). (Gal. 4:21-26) [si-ZU k. 220 isig. 16]
28. Kweyabase-Efesu 1:10, ‘isimiso sokuqondisa’ sibhekisela (eMbusweni wobuMesiya; eNdikimbeni Ebusayo; endleleni kaNkulunkulu yokusingatha izindaba zendlu yakhe). [si-ZU k. 221 isig. 8]
29. (Abashisekeli bobuJuda; isigaba sabefundisi beLobukholwa; iBabiloni Elikhulu) singabizwa ngokuthi “umuntu ongenamthetho” okukhulunywa ngaye kweyesi-2 Thesalonika 2:3. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 1/15 k. 18 isig. 11.]
30. Uma unokungabaza okungathi sína ngomuntu phakathi nokuqomisana, into okuwukuhlakanipha ukuyenza (ukuvumela imizwa yothando igqibe lokho kungabaza; ukubuqeda lobo buhlobo; washalazelele amaphutha angathi sína unethemba lokuthi izinto zizoba ngcono ngemva komshado). [fy-ZU k. isig. 19]
Qondanisa imiBhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
2 Thes. 1:8, 9, 12; 1 Kor. 10:11, 12; 2 Kor. 4:7; Fil. 4:6, 7; 2 Kor. 8:14
31. Uma umuntu enza inkonzo yobuKristu ize kuqala ekuphileni kwakhe, uthola amandla; avela kuNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 3/1 k. 29 isig. 5.]
32. Kufanele siqaphele isibonelo esiyisixwayiso sama-Israyeli ngaphansi kukaMose futhi sigweme ukuzethemba. [si-ZU k. 213 isig. 23]
33. Izipho zothando zamaKristu anezinto ezibonakalayo zingasiza ekubhekaneni nezidingo zalabo abasezindaweni ezintulayo, kuyilapho intshiseko nokukhuthazela kwalabo abahluphekile kungaletha injabulo nesikhuthazo kwabanikelayo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93-ZU 12/15 k. 21 isig. 20.]
34. Akufanele siyeke ukushumayela izindaba ezinhle, ngoba ngokweBhayibheli, bonke abantu abaphilayo namuhla abayophila kuze kube sekupheleni kwalesi simiso sezinto esibi futhi abayokwahlulelwa njengezitha zokukhulekela kweqiniso bayobhujiswa phakade. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 5/1 k. 19 isig. 4.]
35. UJehova unikeza ukuthula nokuzola ezimweni ezinzima kakhulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 11/1 k. 30 izig. 19-20.]