IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-August: Kungase kuhanjiswe noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,20 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Ever Be a World Without War? zingahanjiswa lapho kufaneleka. Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00. Ngo-October: Omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, R3,75 enoqwembe oluthambile.
◼ Ibandla ngalinye lizothola amakhophi amathathu efomu elithi Ukubalwa Kwezincwadi (S-AB-18). Unobhala webandla kufanele ahlangane nomphathi wezincwadi ekuqaleni kuka-August bamise usuku lokubala isitokwe sezincwadi zebandla ekupheleni kwenyanga. Kumelwe zibalwe ngokoqobo zonke izincwadi ezisesitokweni, bese izingqikithi zifakwa efomini elithi Ukubalwa Kwezincwadi. Ingqikithi yenani lomagazini eninabo ingatholakala kumphathi kamagazini. Sicela niqikelele ukuba lokhu kube sekwenziwe ngaphambi kuka-September 1 bese nithumela ifomu lokuqala eNhlanganweni ngokushesha ngangokunokwenzeka lapho senithole isitatimende senu sango-August. Gcinani ikhophi emafayilini enu. Elesithathu kungase kubalelwe kulo. Ukubalwa kwezincwadi kufanele kwenganyelwe unobhala, bese ifomu eseligcwalisiwe lihlolwa umbonisi owengamele. Unobhala nombonisi owengamele bayolisayina leli fomu.
◼ Amabheji omhlangano wesigodi ka-1998 kufanele a-odwe futhi imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi yebandla ngamasenti ayishumi lilinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni, noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali. Sicela ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20 lapho kunokwenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Sicela ni-ode ngefomu i-Literature Order (S-AB-14). Lawa ma-oda kufanele afike eNhlanganweni ngaphambi kuka-November 1, 1998. Ngemva kwalokho ngeke siwasingathe ama-oda amabheji.
◼ Kusukela ngo-August 28, 1998, kuya ku-August 31, 1998, iNhlangano izobala zonke izincwadi enazo esitokweni saseBethel. Ngenxa yalokho, phakathi nalezo zinsuku ngeke asingathwe ama-oda ezincwadi amabandla ngenjongo yokuwathumela noma ukuwalanda.
◼ IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele izicabangele ngokushesha zonke izicelo zenkonzo yamaphayona avamile. Ikomiti yenkonzo akufanele ibambe isicelo ukuze iqiniseke ukuthi lowo ofake isicelo uyakwazi yini ukuhlangabezana nomgomo wamahora. Usuku lokuqalisa olucelwe ummemezeli lungase lushintshwe emafomini ezicelo ezamukelwe selwedlulile lolo suku oluceliwe. Akumelwe amaphayona amiswe sekwedlule isikhathi esisefomini ngaphandle kwalapho kunezimo ezikwenza kudingeke. Uma kunezimo ezinjalo, kufanele ifomu lesicelo lithunyelwe nencwadi.—Bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986, izigaba 24-6.
◼ Kuyocatshangelwa uchungechunge lwezincwajana ezingangomagazini eSifundweni Sencwadi Sebandla lapho kuqedwa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Isaziso se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 1998 sathi kusukela ngesonto lika-September 21, kuyosetshenziswa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Yona iyolandelwa ethi Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani? kanye nethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
I-New World Translation of the Holy Scriptures (Evamile; ibandla neningi: R20,00; amaphayona: R15,00)—ngesiGreki nesiPolish