Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/98 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 6/98 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-June: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R15,00, noma ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R7,50. Ngo-July nango-August: Kungase kuhanjiswe noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngo-R1,20 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Uma kufaneleka kungase kuhanjiswe izincwajana ezingangomagazini ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them?, nethi Will There Ever Be a World Without War? Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00.

◼ SIZANI NIPHAWULE: INdikimba Ebusayo isinikeze imvume ekhethekile yokuhambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiBhunu, isiSuthu, isiTswana, isiXhosa nangesiZulu ngomnikelo owehlisiwe ka-R4,00. Sonke sikhuthazwa ukuba siwahambise la maBhayibheli ngawo wonke amathuba, njengoba sisenamaningi kakhulu okudingeka siwahambise ngaphambi kokuba kukhululwe iBhayibheli eliphelele.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu sekwenziwe.

◼ Bonke abafisa ukuvakashela ihhovisi legatsha eRoodekrans kufanele basize baphawule ukuthi ukuvakasha kuqala ngalezi zikhathi ezilandelayo: Phakathi nesonto: ngo-9:00 ekuseni, ngo-10:00 ekuseni, ngo-11:00 ekuseni, ngo-1:15 ntambama, nango-2:15 ntambama. NgeMigqibelo: ngo-9:00 ekuseni nango-10:00 ekuseni. Kutuswa ukuba okungenani nivakashe phakathi nesonto ngoba akuyona yonke iminyango esebenzayo ngeMigqibelo ekuseni. Amaqembu afike ngamabhasi angaqala ukubuka indawo lapho nje efika, kodwa kufanele kwenziwe amalungiselelo neNhlangano ngaphambi kwesikhathi.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Kunezinguquko emihlanganweni yesigodi elandelayo:

Ngo-December 11-13: EWindhoek (usuku olusha)

Ngo-December 25-27: EPitoli (isiZulu; ulimi olwenezelwe)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela