Umoya KaJehova Unathi
1NjengoFakazi BakaJehova, sinesabelo somsebenzi omkhulu. UJesu wathi: “Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) Uma lokhu kubhekwa ngombono womuntu, kungabonakala kungenakwenzeka, kodwa akunjalo. Sisekelwa amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke—umoya kaNkulunkulu.—Math. 19:26.
2 Ubufakazl Bangekhulu Lokuqala: Esebenzisa isiprofetho sika-Isaya kuye ngokwakhe, uJesu wathi: “Umoya kaJehova uphezu kwami . . . ukuba ngimemezele izindaba ezinhle.” (Luka 4:17, 18) Ngaphambi kokunyukela ezulwini, watshela abaphostoli bakhe ukuthi umoya ongcwele wawuyobanika nabo amandla okufakaza ˈezigxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.ˈ Ngemva kwalokho, uFiIiphu waqondiswa umoya ongcweIe ukuba ashumayele esikhulwini sasenkantolo esingumTopiya, umoya wathumela uPetru enduneni yekhulu engumRoma, futhi wathuma uPawulu noBarnaba ukuba bayoshumayeJa kubantu beZizwe. Ubani owayengacabanga ukuthi abantu ababenezizinda ezinjalo babeyosabela eqinisweni? Kodwa basabela.—lzE. 1:8; 8:29-38; 10:19, 20, 44-48; 13:2-4, 46-48.
3 Ubufakazl Bosuku Lwanamuhla: Incwadi yesAmbulo igcizelela ukuhileleka komoya ongcwele emsebenzini wokushumayela wanamuhla ngokuthi: “Umoya nomlobokazi bayaqhubeka bethi: ˈWoza!ˈ . . . Noma ubani othandayo ma-kathathe amanzi okuphila mahhala.“ (lsAm. 22:17) Umoya uye washukumisa isigaba somlobokazi kaKristu nabangane baso ˈbezinye izimvuˈ ukuba bashumayele izindaba ezinhle kubo bonke abantu. (Joh. 10:16) Kufanele sibe nesibindi ekushumayeleni kwethu, singalokothi sinqikaze ukuya kubantu bazo zonke izinhlobo, siqiniseka njalo ukuthi umoya kaNkulunkulu uyosisiza. INcwadi Yonyaka Ka-1998 inikeza ubufakazi obugculisayo bokuthi umoya kaNkulunkulu uyaqhubeka unezinceku zakhe. Bheka ukusabela! Phakathi neminyaka yenkonzo emibiIi edlule, kubhapathizwe isilinganiso sabangaphezu kwenkulungwane ngosuku.
4 Qiniseka ukuthi umoya kaNkulunkulu uyoqhubeka unathi njengoba sishumayela isigijimi soMbuso kuze kube sezingeni uJehova alifunayo. Lolu Iwazi kufanele lusikhuthaze futhi lusishukumisele ukuba siqhubeke sizikhandla ngamandla kulo msebenzi obaluleke kakhulu woMbuso.—1 Thim. 4:10.