IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-April no-May: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda esifika ngeposi ngo-R48,00 esomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha esomagazini abaphuma kabili ngenyanga ngo-R24,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Uma isipho senqatshwa, hambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye nomagazini ababili ngomnikelo ka-R6,00. Ngo-June: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R15,00, noma ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R7,50. Ngo-July no-August: Noma iyiphi yalezi zincwajana ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ingase ihanjiswe ngo-R1,20: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Izincwajana ezithi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Ever Be a World Without War? zingase zihanjiswe lapho kufaneleka khona.
◼ Njengoba inyanga ka-May inezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, iyisikhathi esihle sokuba abaningi babe amaphayona asizayo.
◼ IBethel idinga udokotela wamazinyo ngokuphuthumayo kanye nomhlengikazi okufundele abangase bakwazi ukukhonza isikhathi esigcwele. Uma uphakathi kweminyaka engu-19 nengu-35 noma-ke isingaphezulu, unempilo enhle, ungashadile, noma uma ushadile ungenabo abantu obondlayo, ingabe ungazenza utholakalele leli lungelo lenkonzo yaseBethel? Uma kunjalo, sicela ubhalele iNhlangano noma uyishayele ucingo ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ka-1997. Le miqulu izotholakala ngesiJalimane, isiNgisi nesiPutukezi. Uma ibandla lenu line-akhawunti yezincwadi eNhlanganweni, ama-oda akufanele niwathumele nemali. Imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yebandla yezincwadi. Kuze kube yilapho imiqulu isitholakala futhi isithunyelwe, iyobhalwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Back Ordered.” Amabandla anezikweleti kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi iyobiza u-R30,00 umunye ibandla, iningi namaphayona.
◼ Umkhankaso wensimu engabelwe uyoba ngo-August kuze kube ngo-October 1998. Abamemezeli namaphayona bakhuthazwa ukuba balisekele leli lungiselelo, ngaleyo ndlela baqikelele ukuba abaningi abasensimini engabelwe bathola ubufakazi obungashwampuluzi.
◼ INhlangano ayiwathumeli ama-oda ezincwadi abamemezeli ngabanye. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba kuthunyelwe i-oda lebandla lezincwadi lanyanga zonke eNhlanganweni ukuze bonke abanesithakazelo sokuthola izincwadi bakwazi ukutshela umzalwane ophatha izincwadi. Sicela nikhumbule ukuthi yiziphi izinto ezi-odwa ngokulinganisela.
◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakalayo:
Kingdom Melodies, Umqulu 7 (Umculo wezinsimbi; ibandla, iningi namaphayona: R17,00)