Umhlangano Nababonisi Besigodi
Ngo-February 11, 1997, ababonisi besigodi abayisithupha abakhonza ngaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika baba nomhlangano wabo waminyaka yonke eBethel wokuxoxa ngezidingo zensimu yethu, futhi banikeze nombiko ngentuthuko eye yenziwa onyakeni odlule. Ngenxa yalengxoxo, sizothanda ukuxoxa ngezici ezintathu ezikhethekile ezidinga ukunakekelwa.
1)Ukwakha ingokomoya lommemezeli ngamunye. Kunesidingo sokuba abantu ngabanye, imikhaya, nalabo abaholayo benze umzamo wenkuthalo wokuqhuba isifundo somuntu siqu nesomkhaya, nokufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli nsuku zonke.
2)Ukuba khona njalo kuyo yonke imihlangano emihlanu. Lokhu kuyinkinga ngokukhethekile ensimini yabakhuluma isiNgisi nesiBhunu.
3)Ukusebenzela ukuhlanganyela kakhudlwana enkonzweni, nokubika inkonzo ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye. Emabandleni amaningi umsebenzi wenkonzo yasensimini uye wehla. Bonke ababonisi besigodi banomuzwa wokuthi ukushintshela emihlanganweni yasekuseni ngeSonto kuye kwaba nomphumela olimazayo enkonzweni yasensimini yangeSonto.
Uzizwa kanjani ngalezi zidingo? Ingabe ungazihlola izimo zakho futhi ubone ukuthi yikuphi lapho wena siqu, noma njengomkhaya, ningathuthukisa khona? USathane uzama kanzima ukusenza buthakathaka nokusenza sehlise ijubane enkonzweni. Nezwe liye laba nethonya ekuphileni kwabanye babafowethu. Khona-ke kunesidingo esiphuthumayo sokuba sonke sihlale siqinile ngokomoya, futhi siphikelele endleleni eholela ekuphileni okuphakade.—Heb. 10:35-39.