Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya Ezithuthukayo
1 Yini le umhlengikazi waseTanzania, omusha wase-Argentina nomama waseLatvia abafana ngayo? INcwadi Yonyaka Ka-1997 (kk. 8, 46 no-56) ibika ukuthi bobathathu bathuthuka ngokushesha ezifundweni zabo zeBhayibheli zasekhaya, ngenxa yokuzimisela kwabo ukufunda incwadi Ulwazi isikhathi esingaphezu kwesisodwa ngesonto. Kuye kwatuswa ukuthi noma nini lapho kunokwenzeka khona, abamemezeli kufanele benze umzamo wokuxoxa ngesahluko esisodwa sencwadi esifundweni ngasinye. Nokho, abanye bakuthola kuyinselele ukwenza kanjalo. Nakuba okuningi kuyoxhomeka ezimweni nasekhonweni lokufunda lomfundi ngamunye, othisha abanokuhlangenwe nakho baye bathola impumelelo ngokusebenzisa ukusikisela okulandelayo.
2 Njengoba kwachazwa esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, kubalulekile ukuqeqesha abafundi ukuba basilungiselele isifundo. Kusukela ekuqaleni nje, kungaba kuhle ukuba ubachazele futhi ubabonise ukuthi lokhu kwenziwa kanjani. Babonise incwadi yakho siqu ethi Ulwazi. Lungiselelani ndawonye isifundo sokuqala. Siza abafundi ukuba bathole amagama ayisihluthulelo noma imishwana ephendula ngokuqondile umbuzo osencwadini bese beyidwebela noma bayigqamise ngepeni. Abanye abamemezeli baze baphe abafundi ngisho nepeni lokudwebela. Bakhuthaze ukuba bayibheke yonke imibhalo njengoba belungiselela isifundo. Ngokwenza lokhu uyobe ubaqeqeshela nokulungiselela iSifundo Sencwadi Sebandla kanye neSifundo Se-Nqabayokulinda.—Luka 6:40.
3 Umfundisi omuhle uyokwenza umfundi akhulume kungakhulumi yena kakhulu. Uyakugwema ukuphazanyiswa amaphuzu amancane. Akavami ukufaka ukwaziswa okungekho encwadini. Kunalokho, uqokomisa amaphuzu ayinhloko esifundo. Abanye baye banikeza abafundi izincwadi ezengeziwe ukuze babasize bathole izimpendulo zemibuzo. Ngaphezu kwalokho, abantu abathakazelayo bayothola ukwaziswa okunemininingwane ngokuba khona emihlanganweni yebandla.
4 Kungase kungadingeki ukuba nibheke yonke imibhalo ekhonjiwe esendabeni eniyifundayo. Amanye amaphuzu ayinhloko angase achazwe ngemibhalo ecashuniwe esigabeni. Lapho senibukeza, qokomisa imibhalo eyinhloko okuxoxwe ngayo bese ukhuthaza umfundi ukuba ayigcine engqondweni.
5 Isifundo Ngasinye Kufanele Sithathe Isikhathi Esingakanani?: Akuwona umthetho ukuthi isifundo sithathe ihora elilodwa. Abanye abaninikhaya banesikhathi futhi bangase bafise ukuba kufundwe isikhathi esijana. Noma umfundi angase afise ukufunda ngaphezu kwesikhathi esisodwa ngesonto. Lokhu kungabazuzisa labo abangase bakwazi ukukwenza.
6 Njengoba u-Isaya 60:8 ebonisa, namuhla amakhulu ezinkulungwane zabadumisi abasha bakaJehova ‘eza endiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo’ emabandleni abantu bakhe. Kwangathi sonke singenza ingxenye yethu ekusebenzelaneni ngokuseduze noJehova njengoba esheshisa ukuqoqwa kwabanjengezimvu.—Isaya 60:22.