Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/97 k. 7
  • IMihlangano Yezizwe Ngo-1998

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yezizwe Ngo-1998
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 3/97 k. 7

IMihlangano Yezizwe Ngo-1998

Njengoba kwamenyezelwa ngoMgqibelo, October 5, 1996, emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, iNdikimba Ebusayo ihlela ukuba kube nemihlangano yezizwe ngo-1998. Njengoba eminye imihlangano yesigodi evamile iyobe ikhona, kuyoba nemihlangano yezizwe eNyakatho Melika nase-Afrika, e-Asia, eYurophu, eLatin America, endaweni yaseCaribbean naseNingizimu Pacific.

Kuyoba neminingana yalemihlangano ekhethekile eNyakatho Melika, futhi kuyomenywa izihambeli ezivela kuwo wonke umhlaba. Futhi singakulindela ukuba nezithunywa zevangeli kulemihlangano. Izithunywa zevangeli kanye nabanye abasenkonzweni ekhethekile kwamanye amazwe abakufanelekelayo, bayomenywa ukuba babe komunye walemihlangano emikhulu eyoba sezweni lakubo noma ezweni eliseduze nelakubo.

Igatsha ngalinye lizokwazisa amabandla ngokuthi abamemezeli bamenyelwe ukuba semhlanganweni wezizwe ozokuba kuliphi idolobha. Kuzothunyelwa nokwaziswa okuphathelene nezinsuku nanokuthi imaphi amalungiselelo enzelwe izihambeli ezikhethiwe. Labo bamemezeli abakucabangelayo ukufaka izicelo zokuba izihambeli ezizokhethwa bangabe beqala ukulondoloza enye yemali yabo belindele lezi zenzakalo ezikhethekile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela