Hlanganyela Emsebenzini Ongasoze Waphindwa
1 Ngezikhathi ezihlukene kuwo wonke umlando wesintu, kuye kwadingeka ukuba uJehova akhiphe isahlulelo phezu kwezitha zakhe. Nokho, ngenxa yesihe sakhe, abantu abanenhliziyo enhle ubebanikeza ithuba lokusindiswa. (IHu. 103:13) Indlela abasabela ngayo yayinquma lokho okwakuzobehlela.
2 Ngokwesibonelo, ngaphambi kukaZamcolo, ngo-2370 B.C.E., uNowa ‘wayengumshumayeli wokulunga.’ Labo ababhubha yilabo abangazange basinake isixwayiso saphezulu. (2 Pet. 2:5; Heb. 11:7) Ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., uJesu wasichaza ngokucacile isinyathelo okwakuyodingeka wonke umuntu asithathe ukuze asinde ekubhujisweni komuzi. Bonke abasenqaba isigijimi sakhe esiyisixwayiso babhekana nemiphumela ebuhlungu. (Luka 21:20-24) Izixwayiso ezinjalo zaphezulu kanye nezahlulelo zaphindaphindwa kaningi emlandweni.
3 Umsebenzi Wosuku Lwanamuhla Wokuxwayisa: Esikhathini eside esidlule uJehova wamemezela ukuthi intukuthelo yakhe yayizokwehlela isimiso esibi sezinto sanamuhla nokuthi abamnene kuphela ababeyosinda. (Zef. 2:2, 3; 3:8) Isikhathi sokushumayela lesi sigijimi sincipha ngokushesha! “Usizi olukhulu” luseduze, futhi manje kuqoqwa abamnene. Ngempela “amasimu” “asemhlophe ukuba avunwe.” Ngakho, awukho omunye umsebenzi ofana nalona ngokubaluleka nangokuphuthuma kwawo.—Math. 24:14, 21, 22; Joh. 4:35.
4 Kufanele sihlanganyele ekutsheleni abanye ngesixwayiso sosuku lwanamuhla, “noma bezwa noma benganaki.” Lesi isabelo esisinikezwe uNkulunkulu, okungafanele nhlobo singasinaki. (Hez. 2:4, 5; 3:17, 18) Ukuhlanganyela kwethu ngokugcwele kulomsebenzi kubonisa ngokuqinisekile uthando lwethu olujulile ngoNkulunkulu, ukukhathalela kwethu okuqotho omakhelwane bethu, nokholo lwethu olungenakunyakaziswa kuMsindisi wethu, uJesu Kristu.
5 Manje Isikhathi Sokuthatha Isinyathelo: Ngemva kwezahlulelo zikaJehova zesikhathi esidlule, abantu ababi babevumbuka kabusha njalo ngenxa yokuthi uSathane namademoni akhe bebesuke besekhona. Nokho, kulokhu kuzokuba okuhlukile. Ithonya likaSathane lizoqedwa. Isixwayiso sembulunga yonke ‘sosizi olukhulu’ ngeke siphinde sidingeke. (IsAm. 7:14; Roma 16:20) Sinelungelo elikhethekile lokuba yingxenye yomsebenzi ongasoze waphindwa. Manje yisikhathi sokuba silisebenzise ngokunenzuzo leli thuba.
6 Lapho ekhuluma ngomsebenzi wakhe wokushumayela, ngokukhulu ukuqiniseka umphostoli uPawulu wathi: “Ngimsulwa egazini labo bonke abantu.” (IzE. 20:26) Akazange azizwe enecala legazi nganoma ikuphi ukwehluleka ukumemezela isigijimi. Ngani? Ngoba wayengakhuluma ngenkonzo yakhe, athi: “Ngenxa yalenjongo ngisebenza kanzima ngempela, ngizikhandla.” (Kol. 1:29) Kwangathi nathi singaba nokwaneliseka okufanayo kokuhlanganyela ngokugcwele ngangokusemandleni emsebenzini ongasoze waphindwa!—2 Thim. 2:15.