“UJehova Ungumsizi Wami”
1 Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe bokuqala, wabatshela: “Bhekani! Ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi.” (Math. 10:16) Ingabe lokho kwabenza besaba futhi bangashumayela? Cha. Baba nesimo sengqondo kamuva esashiwo umphostoli uPawulu lapho etshela amaKristu akanye nawo: “Sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’” (Heb. 13:6) Bakujabulela ukubalwa njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama likaJesu, futhi baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.—IzE. 5:41, 42.
2 Umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke manje ususemaphethelweni. Njengoba nje uJesu abikezela, siyizinto zokuzondwa yizizwe zonke. (Math. 24:9) Umsebenzi wethu wokushumayela uye waphikiswa futhi wahlekwa usulu, futhi kwezinye izingxenye zomhlaba uye wavalwa ngisho nokuvalwa. Uma besingenalo ukholo oluqinile, besingazizwa sesaba. Nokho, ukwazi ukuthi uJehova unguMsizi wethu kuyasiqabula futhi kusiqinisele ukuba siphikelele.
3 Isibindi siyimfanelo yokuba namandla, ukuqina nokuba yiqhawe. Singokuphambene nokwesaba, ukuba novalo kanye nokuba yigwala. Abafundi bakaJesu bebelokhu bedinga isibindi ukuze bakhuthazele. Siyadingeka kakhulu ukuze sigweme ukudunyazwa izimo zengqondo kanye nezenzo zaleli lizwe elinobutha noNkulunkulu. Yeka indlela okusikhuthaza ngayo ukucabanga ngesibonelo esiphakeme sikaJesu, umnqobi wezwe! (Joh. 16:33) Khumbula futhi ukuthi abaphostoli ababebhekene nokuvivinywa okunzima, ngesibindi bathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzE. 5:29.
4 Asilona Uhlobo Oluhlehlela Emuva: Kufanele silwele ukulondoloza isimo sengqondo esiqondile emsebenzini wethu. (Heb. 10:39) Njalo khumbula ukuthi sithunywa uJehova ukuze abonise uthando lwakhe nesihe kuso sonke isintu. Akalokothi acele izinceku zakhe ukuba zenze okuthile okungafezi injongo ezuzisayo. Konke esabelwe ukuba sikwenze ekugcineni kuyobazuzisa abathanda uNkulunkulu.—Roma 8:28.
5 Ukuba nesimo sengqondo sokulindela okuhle kuzosisiza ukuba siqhubeke sifuna abanjengezimvu ensimini yethu. Singabheka ukunganaki kwabantu njengophawu lokukhungatheka kwabo nokungabi nathemba. Kwangathi uthando lwethu lungasishukumisela ukuba sibe nozwela nesineke. Njalo uma sihambisa incwadi noma sibona inhlansi yesithakazelo, kufanele umgomo wethu ube ukwenza impindelo ngokushesha futhi sikhulise leso sithakazelo. Singalokothi silingabaze ikhono lethu lokuqala isifundo seBhayibheli noma lokusiqhuba ngokuphumelelayo. Kunalokho, kufanele sicele njalo ngomthandazo usizo lukaJehova nesiqondiso, siqiniseke ukuthi uzosisiza.
6 Sikholelwa ngokuqinile ukuthi uJehova uzowusekela lomsebenzi kuze kube sekupheleni kwawo. (Qhathanisa neyabaseFilipi 1:6.) Ukuthembela kwethu ngokuphelele kuye njengoMsizi wethu kuyasiqinisa, ukuze ‘singayeki ukwenza okuhle.’—Gal. 6:9.