IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R4,00. Kufanele kwenziwe umzamo okhethekile wokulandelela bonke esibahambisele izincwadi, sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-December: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R10,00. Ngo-January: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-February: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R12,00.
◼ Amabandla asenamapheshana e-Kingdom News No. 34 angakhuthaza abamemezeli ukuba bawahambise ngendlela efanayo nabahambisa ngayo amanye amapheshana, kungaba sendlini ngendlu noma kwenye indawo. Uma kuvumelekile, abamemezeli bangawashiya ezindlini zabangekho emakhaya, baqiniseke ukuthi alibonakali nhlobo kwabadlula ngendlela. Kufanele kwenziwe umzamo wokuwasakaza wonke amapheshana analesi sigijimi esibalulekile.
◼ ISIKHUMBUZO: Sonke sibheke phambili ngokulangazela eMhlanganweni Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” kulo-December. Ingabe uzobe ukhona? Usuwenzile yini amalungiselelo okuba ube khona zonke izinsuku ezintathu? Kulonyaka sizoba nemihlangano emincane ezindaweni okulula ukuzifinyelela futhi kwezinye izindawo sizobe sisebenzisa izindawo ezintsha. (Bheka INqabayokulinda ka-June 1, 1996, ukuze uthole izinto ezivelele ezikulomhlangano.) Lesi simiso esifike ngesikhathi sizoluqinisa ukholo. Sicela niqikelele ukuthi niwathola kusenesikhathi amabheji omhlangano. Ummemezeli ngamunye kufanele alifake emhlanganweni, okuzomenza abonakale njengomunye woFakazi BakaJehova. Amabheji ngeke atholakale emihlanganweni.
◼ Lapho nibhalela iNhlangano ngokuphathelene nesikhokhelo esingafiki, sicela nithumele ifomu elifanele leZikhokhelo Zamasonto Onke (M-203) nesigqebhezana sesikhokhelo. Lokhu kuyokwenza ukuba isheshe ilungiswe inkinga.