IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Ngo-February, March, April, nango-June kwanikezelwa lamaHholo OMbuso ayisithupha alandelayo: Belhar (eCape), Botshabelo South (eFree State), Gaborone South, George South, Phokeng (eRustenburg), noMtata Central.
Ngenxa yeminikelo yenu yazinyanga zonke yeSikhwama SeNhlangano Sokwakhiwa KwamaHholo OMbuso, lamabandla angenhla akwazi ukuthola imali ebolekisayo eNhlanganweni ukuze azakhele amaHholo OMbuso awo. Njengoba izindleko zokwakha zikhuphuka zinyanga zonke, umnikelo wenu wasikhathi sonke kulesi sikhwama uyokwaziswa kakhulu ukuze sisize amabandla angaphezu kuka-300 asadinga amahholo.