IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-July nango-August: Noma iyiphi incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,00 iyinye kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungase kuhanjiswe incwajana engangomagazini ethi Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? Ngo-September: Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise ngomnikelo ka-R3,50 noma ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngo-October: Isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda ngo-R38,00 sisinye esomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R19,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini uma isipho senqatshwa.
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Ubani Ofana NoJehova UNkulunkulu Wethu?”
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade (isethi yamakhasethi ayisihlanu aku-albhamu; ibandla neningi: R40,00; amaphayona: R30,00) —ngesiNgisi
◼ Sizani niphawule: Sikhuthaza abamemezeli ukuba bahambise incwadi ethi Ungaphila Phakade ensimini engabelwe noma engasetshenzwa njalo. Amanani asengalendlela:
AbamemezeliAmaphayona
EnkuluR8,00R5,50
EncaneR4,00R2,80
Sizani nicele isaphulelo sencwadi ethi Ungaphila Phakade ngokubhala ngaphansi kohlu oluthi “Ezinye izinto” efomini elithi Imali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20) ukuthi zingaki izincwadi ezinkulu nezincane ezithathwe abamemezeli namaphayona.