IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Siyajabula ukunazisa ukuthi kuze kube manje, amaHholo OMbuso angu-11 aye anikezelwa kulonyaka wenkonzo, yilawa: Buccleuch (eGoli), Durbanville, Ekangala (eBronkhorstspruit), Ethwathwa (eBenoni), Lamontville (eThekwini), Louis Trichardt, Mahalapye (eBotswana), Masele (eKing William’s Town), Weltevrede (eMarble Hall), Mariannhill (ePinetown), naKwa-Mashu (eThekwini).
Siwuqale kahle kakhulu unyaka wenkonzo ka-1996. Sikhuthaza zonke izisebenzi zokuzithandela ezikhuthele ukuba ziqhubeke nokusekela okuhle ezikunikeza amaKomiti Esifunda Okwakha angu-23.
Iminikelo yenu yemali yazinyanga zonke nayo yaziswa kakhulu. Sithanda nokukhumbuza abadala ukuba baqikelele ukuthi kunebhokisi eliphawulwe ngokucacile leSikhwama Sokwakhiwa KwamaHholo OMbuso. INhlangano izonazisa zinyanga zonke ngokwamukela kwayo iminikelo yalesi sikhwama futhi kufanele ibandla lifundelwe lezo zincwadi.