Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/96 k. 7
  • Ibhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ibhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Ngingahlalisana Kanjani Nomfowethu Nodadewethu?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 4/96 k. 7

Ibhokisi Lemibuzo

◼ Iyiphi indlela eqondile yokusebenzisa igama elithi “mfowethu” nelithi “dadewethu”?

Lapho esetshenziswa ngomqondo ongokoqobo, lamagama elithi “mfowethu” nelithi “dadewethu” abhekisela kubantu abazalwa abazali ababodwa. Lobuhlobo obungokwemvelo ngokuvamile budala ukusondelana okufudumele, kanti nokusondelana okukhona kulaba bantu kuthuthukiswa izibopho ezingokwezenhlalo, zendawo ezungezile, nezingokomzwelo.

UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuthi lapho bekhuluma noJehova emthandazweni bathi “Baba Wethu.” Ukusetshenziswa kwalelo gama kubonisa ukuthi njengamaKristu, sonke siyingxenye yomkhaya osondelene lapho sijabulela khona ubuhlobo obucebile ngokomoya. Lokhu kwagcizelelwa ngokwengeziwe uJesu lapho etshela abalandeli bakhe ukuthi “nonke nina ningabafowabo.”—Math. 6:9; 23:8.

Ngenxa yobuhlobo bethu obuseduze obungokomoya emkhayeni kaNkulunkulu, sibizana ngokuthi “Mfowethu” nangokuthi “Dadewethu,” ikakhulukazi emihlanganweni yebandla. Nakuba abanye kungenzeka ukuthi banesiko lokusebenzisa igama elithi “Baba” nelithi “Mama” lapho bebhekisela kubantu abadala emihlanganweni yobuKristu, sinikhuthaza nonke ukuba nisebenzise amagama angokwasezulwini, elithi “Mfowethu” nelithi “Dadewethu.” Phakathi nalezi zikhathi zezinto ezingokomoya, umuntu osuke eqhuba umhlangano ubiza abantu ababhapathiziwe ngegama elithi “mfowethu” noma elithi “dadewethu” lilandelwe isibongo somuntu okukhulunywa naye.

Kuthiwani uma umuntu ongabhapathiziwe efisa ukuhlanganyela emihlanganweni? Uma umuntu esenesikhathi ehlanganyela nabantu bakaJehova futhi sekuseduze ukuba azinikezele, ezibheka njengomunye woFakazi BakaJehova, ngeke kube nacala ukwandulelisa isibongo sakhe ngokuthi “Mfowethu” noma “Dadewethu.” Lokhu kungaba njalo ikakhulukazi uma lowo muntu esengummemezeli ongabhapathiziwe.

Ngakolunye uhlangothi, abantu abathakazelayo abasanda kuqala nje ukuza emihlanganweni yethu abakazithathi izinyathelo ezingababonakalisa njengabayingxenye yomkhaya kaNkulunkulu. Laba bantu ngeke babizwe ngokuthi “Mfowethu” noma “Dadewethu,” ngoba abakabi nabo ubuhlobo obungokomoya nomkhaya kaNkulunkulu. Ngakho phakathi nemihlangano, singababiza nje ngendlela ehloniphekile, sisebenzisa iziqu ezifanele ezinjengokuthi “Mnumzane” kanye nesibongo sabo.

Ukusebenzisa lamagama elithi “mfowethu” nelithi “dadewethu” emihlanganweni yethu yebandla kubonisa isibopho esiseduze kakhulu nesiyigugu kakhulu kunanoma isiphi esiboniswa ukusebenzisa amagama. Kusikhumbuza ngobuhlobo obubusisekile esibujabulelayo ngaphansi kukaBaba oyedwa, uJehova uNkulunkulu. Sikhunjuzwa nangothando olujulile nokusondelana ngokomzwelo esinakho ngomunye nomunye.—Efe. 2:19; 1 Pet. 3:8.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela