Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zamasonto ka-September 4 kuya ku-December 18, 1995. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. OFakazi BakaJehova abanaye umholi. [jv-ZU k. 117 isig. 5]
2. U-Isaya 38:5 usisiza ukuba siqonde ukuthi ukunxusa okuqotho kungamshukumisa uJehova ukuba enze abengeke akwenze. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 4/1 k. 15.]
3. Umuntu ongelutho emhlabeni angenza uMdali wendawo yonke adabuke noma ajabule. (Isaya 63:10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93-ZU 6/15 k. 15.]
4. UN. H. Barbour wathi wayekholelwa esihlengweni, ukuthi uKristu wasifela. Wawuphika umqondo “wesihlawulelo”—ukuthi uKristu wafa esikhundleni sethu. [jv-ZU k. 131 izig. 3, 4, umbhalo waphansi]
5. U-Isaya 53:5, 12 wabikezela ukuthi uJesu Kristu wayezokufa njengomhlatshelo wesihlengo ukuze asibekele izono zabanye. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 10/1 k. 14.]
6. Ngokutadisha kwakhe imiBhalo, uRussell waqaphela ukuthi uKristu wayengeke nje abuye ngokungabonakali kodwa futhi wayezohlala engabonakali, ngisho nalapho ebonakalisa ukuba khona kwakhe ngokwahlulela ababi. [jv-ZU k. 133 isig. 3]
7. Nakuba oFakazi BakaJehova bengahlanganyeli nhlobo kwezombangazwe, abakuphazamisi lokho abanye abakwenzayo ngokuqondene nokujoyina inhlangano yezombangazwe, ukungenela ukhetho lwesikhundla, noma ukuvota okhethweni. [uw-ZU k. 166 isig. 12]
8. Izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu zangaphambi kwesikhathi sikaKristu zazingenalo ulwazi ngezwe elisha esililindele. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 2/15 k. 11.]
9. UKoresi waba ‘ogcotshiweyo’ kaJehova ngisho noma bungekho ubufakazi bokuthi wathelwa ngamafutha angokoqobo. (Isaya 45:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 11/15 k. 30.]
10. Ukuze akhonze uNkulunkulu ngokuzinikela okuphelele, amaKristu kudingeka alwazi usuku nehora uJehova azokwahlulela ngalo isimiso sezwe sikaSathane. [uw-ZU k. 176 isig. 2]
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. UmKristu kufanele akhulume nini nodokotela wakhe ngesinqumo sakhe sokungalisebenzisi igazi? [uw-ZU k. 158 isig. 9]
12. UJesu wayengeyona ingxenye yezwe ngayiphi indlela? [uw-ZU k. 161 isig. 2]
13. Ukukhuluma iZwi likaNkulunkulu ngesibindi akusho ukwenzani? [uw-ZU k. 175 isig. 13]
14. Ubani “u-Israyeli kaNkulunkulu” ngempela, futhi wachazwa ngamuphi unyaka? (Gal. 6:16) [jv-ZU k. 141 izig. 2, 3]
15. Isiphi isimiso esaqondwa ngokukhanyayo emuva ngo-1962 esenza ukuqonda kwethu ukuzithoba ‘emandleni aphakeme’ kwacaca? (Roma 13:1-7) [jv-ZU k. 147 isig. 3]
16. Nakuba ngo-1931 sasaziwa ngokuthi singamaKristu nangokuthi singabaFundi BeBhayibheli, kungani kwakunesidingo sokwamukela igama elihlukanisayo elithi oFakazi BakaJehova? [jv-ZU k. 150 isig. 5–k. 151 isig. 2]
17. Iyiphi inkolelo ephathelene nomhlaba kanye nombhalo okuMathewu 5:5 okuye kwenza oFakazi BakaJehova behluka kulo lonke eLobukholwa? [jv-ZU k. 161 isig. 3]
18. Kukuziphi izincwadi nezahluko lapho amaVangeli amathathu enikeza khona ukwaziswa okuphathelene nesibonakaliso esihlangene esiphawula “isiphelo sesimiso sezinto”? [uw-ZU k. 178 isig. 5]
19. Kungani igama elithi oFakazi BakaJehova lingaphezu nje kokuba igama? [jv-ZU k. 158 isig. 4]
20. Kungani kungekho kungabaza koFakazi BakaJehova ngokuthi ukuphinga, ubufebe, noma ubungqingili kufanele kubhekwe kanjani? [jv-ZU k. 173 isig. 1, k. 174 isig. 3]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. Lapho umKristu elaliswa esibhedlela, kufanele enze isicelo ____________________ sokuthi lingasetshenziswa igazi, futhi kufanele _________________________ yena mathupha nodokotela ozosingatha indaba yakhe. [uw-ZU k. 158 isig. 9]
22. Izindlela ezimbili esibonisa ngazo ukuthembela kwethu kuJehova zingokuba khona njalo _________________________ nangokuya njalo kuye _________________________. [uw-ZU kk. 170-1 izig. 5-7]
23. Kusukela ngo-1976 kuya ku-1992, izisebenzi zokuzithandela _________________________ zasiza ekwakhiweni kwezakhiwo ezintsha ____________________________ emazweni angu-60, kwamiswa _____________________________ amasha angaphezu kuka-29 000 emhlabeni wonke, futhi ubukhulu benhlangano cishe baphindeka _________________________ baba abamemezeli boMbuso abangu-4 470 000. [jv-ZU k. 114 isig. 1, k. 115 isig. 1, k. 117 isig. 2]
24. Ngo-June 1882, i-Zion’s Watch Tower yaphawula ukuthi _________________________ no-_________________________ bangabantu _________________________ hhayi umuntu oyedwa, ukuthi bamunye kuphela ngomqondo _________________________, nokuthi umoya awuyena neze _________________________ njengoba nje kunjalo nangomoya wezwe. [jv-ZU k. 123 isig. 4]
25. Ngo-June 22, 1977, emasontweni amabili ngemva kokufa kukaMzalwan’ uKnorr, ______________________ waba umongameli we-Watch Tower Society. [jv-ZU k. 109 isig. 3]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. AmaKristu akuqala ayeklolodelwa njengazonda isintu ngenxa yokuthi (ayengabakhulumisi abangakholwa; ayengazikhulekeli izithombe; ayegwema ukuzijabulisa kobudlova nokokuziphatha okubi). [uw-ZU k. 163 isig. 7]
27. Emfanekisweni kaJesu okuMathewu 13:36-43, ukolweni umelela (amadoda athembekile akudala; isixuku esikhulu; amaKristu agcotshiwe), kuyilapho ukhula lumelela (bonke abangakholwa; amaKristu okuzenzisa; ababhali nabaFarisi). [uw-ZU k. 179 isig. 7]
28. Injongo kaNkulunkulu eyinhloko (iwukusindiswa kwesintu; ukubhujiswa kukaDeveli; ukulwelwa kobukhosi bakhe). [jv-ZU k. 167 isig. 1]
29. Ushintsho olungokwenhlangano olwaqala ngo-October 1, 1972, lwachaza ukuthi kufanele kukhethwe (umbonisi; inceku yebandla; indikimba yabadala) ukuba inakekele ibandla ngalinye. [jv-ZU k. 106 isig. 2]
30. Sinomlando wokuphila kukaJeremiya ogcwele ngaphezu kwanoma owabaphi abanye abaprofethi basendulo ngaphandle (kukaDaniyeli; u-Isaya; uMose). [si-ZU k. 124 isig. 5]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Lev. 17:11, 12; Isaya 43:10; Jer. 7:31; Joh. 10:16; IzE. 4:13
31. Imfundo yezwe elinganiselwe ayimenzi umuntu angafaneleki ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle ongesabi. [uw-ZU k. 172 isig. 8]
32. Okuwukuphela kwendlela engokomBhalo igazi elingase lisetshenziswe ngayo iqokomisa ubungcwele balo nokubaluleka kwesihlengo sikaKristu. [uw-ZU k. 159 isig. 11]
33. Akukho mbango phakathi kwesigaba sabagcotshiwe nesixuku esikhulu, akukho nokucabanga ukuthi ngenxa yethemba noma isikhundla, omunye uphakeme kunomunye noma ungaphansi komunye. [jv-ZU k. 171 isig. 2]
34. Akekho owandulela uJehova; akukho nkulunkulu owaba khona ngaphambi kwakhe, futhi ngeke abe khona omunye ngemva kwakhe ngoba ungowaphakade, uMbusi Ophakeme. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 1/15 k. 22.]
35. Abantu abadala abaningi namuhla ngeke bakucabange nakukucabanga ukunikela izingane zabo njengemihlatshelo ezithombeni, kodwa izigidi ezingenakubalwa zezingane ziyabulawa ngamabomu ngokukhishwa kwezisu, kanti izigidi zentsha ziye zenziwa umhlatshelo e-altare lempi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 1/15 k. 31.]