Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/95 k. 7
  • Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Makuqhame Ukuthuthuka Kwakho
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Qhubeka Uthuthuka
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Basha—Yenzani Intuthuko Yenu Ibonakale
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 12/95 k. 7

Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale

1 Khumbula isikhathi lapho uqala ukuzwa isigijimi soMbuso. Amaqiniso alula avusa isifiso sakho sokuba nolwazi nokuqonda. Ngokushesha wakwazi ukubona isidingo sokwenza izinguquko endleleni yakho yokuphila ngenxa yokuthi izindlela zikaJehova ziphakeme kakhulu kunezindlela zakho. (Isaya 55:8, 9) Wathuthuka, wanikezela ukuphila kwakho, futhi wabhapathizwa.

2 Ngisho nangemva kokwenza intuthuko ethile engokomoya, kwakusenobuthakathaka okwakusafanele ubunqobe. (Roma 12:2) Mhlawumbe wawesaba abantu, okwakukwenza ube madolonzima ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Noma mhlawumbe wawehluleka ukubonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. Kunokudikibala, wazimisela ukuthuthuka ngokuzibekela imigomo engokwasezulwini.

3 Kungenzeka sekudlule iminyaka eminingana manje kusukela wazinikezela. Lapho ubheka emuva, iyiphi intuthuko oye wayenza? Ingabe uye wayifinyelela eminye yemigomo yakho? Ingabe usenentshiseko ‘owawunayo ekuqaleni’? (Heb. 3:14) UThimothewu wayesengumKristu ovuthiwe kakade eneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho lapho uPawulu emkhuthaza: “Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”—1 Thim. 4:15.

4 Ukuzihlola Komuntu Siqu Kudingekile: Lapho sizindla ngenkambo yethu yesikhathi esidlule, ingabe sithola ukuthi sisaqhubeka sinobunye bobuthakathaka esasinabo ekuqaleni? Ingabe siye sahluleka ukufinyelela eminye yemigomo esasiyibekile? Uma kunjalo, kungani? Ngisho noma sasinezisusa ezinhle, kungenzeka siye sakuhlehlisa. Mhlawumbe siye savumela izinkathazo zokuphila noma ukucindezela kwalesi simiso ukuba kusibambe.—Luka 17:28-30.

5 Nakuba kukuncane esingakwenza ngesikhathi esidlule, ngokuqinisekile singenza okuthile ngesikhathi esizayo. Singazihlola ngobuqotho, sibone lapho sishiyeka khona, bese senza umzamo oqotho wokuthuthukisa. Kungenzeka kudingeke senze ngcono ekuboniseni izithelo zomoya kaNkulunkulu, njengokuzithiba, ubumnene, noma ukubhekakade. (Gal. 5:22, 23) Uma sinobunzima bokusebenzelana nabanye noma bokubambisana nabadala, kubalulekile ukuba sihlakulele ukuzithoba.—Fil. 2:2, 3.

6 Ingabe singayenza intuthuko yethu ibonakale ngokulwela ukufinyelela amalungelo enkonzo? Ngomzamo owengeziwe abazalwane bangakwazi ukufaneleka njengezinceku ezikhonzayo noma abadala. Abanye bethu bangase bakwazi ukubhalisa njengamaphayona avamile. Ngabanye abengeziwe, ubuphayona obusizayo bungase bube umgomo ofinyelelekayo. Abanye bangase balwele ukuthuthukisa imikhuba yesifundo somuntu siqu, babe nengxenye ngokwengeziwe emihlanganweni yebandla, noma bakhiqize ngokwengeziwe njengabamemezeli bebandla.

7 Eqinisweni kukithi ngabanye ukuba sinqume ukuthi kukuphi lapho sidinga ukwenza intuthuko khona. Singaqiniseka ukuthi umzamo wethu oqotho ‘wokuphokophelela ekuvuthweni’ uyonezela kakhulu enjabulweni yethu futhi usenze sibe amalungu ebandla akhiqiza ngokwengeziwe.—Heb. 6:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela