Ziphathe Ngendlela Efanele Izindaba Ezinhle
1 NjengoFakazi BakaJehova, silangazelela ukuletha udumo egameni likaJehova. Siyazi ukuthi ukuziphatha kwethu, ukukhuluma, ukuzilungisa, nokwembatha kungathonya indlela abanye ababheka ngayo ukukhulekela kweqiniso. Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile lapho sisemihlanganweni yethu. Sifuna ukuqiniseka ukuthi konke okushiwoyo futhi kwenziwe emihlanganweni kuyazifanela izindaba ezinhle futhi kuletha udumo kuJehova.—Fil. 2:4.
2 Izindinganiso eziningi zezwe zokugqoka nokuzilungisa azamukeleki kumaKristu. Lena indaba okufanele inakekelisiswe izikhonzi zezindaba ezinhle. INqabayokulinda ka-June 1, 1989, ikhasi 20, yathi: “Izingubo zethu akudingekile ukuba zibize kakhulu, kodwa kufanele zihlanzeke, zibe zinhle, futhi zibe nesizotha. Nezicathulo zethu kumelwe zibe sesimweni esihle futhi zibukeke kahle. Ngokufanayo, kuyo yonke imihlangano, kuhlanganise neSifundo Sencwadi Sebandla, imizimba yethu kufanele ihlanzeke, futhi kufanele sigqoke ngobunono nangokufanele.”
3 Ukufika ngesikhathi kuwuphawu lokucabangela kothando. Ngezinye izikhathi, izimo ezingenakugwenywa zingase zisivimbele ukuba sifike ngesikhathi emhlanganweni. Kodwa ukufika sekwephuzile okuwumkhuba kungase kubonise ukungayihloniphi injongo engcwele yemihlangano nokuhluleka ukuqaphela umthwalo wethu wemfanelo wokugwema ukuphazamisa abanye. Ngokuvamile abantu abafika sekwephuzile baphazamisa abanye futhi babavimbele ukuba bazuze ngokugcwele esimisweni. Ukufika ngesikhathi kubonisa ukuhlonipha imizwa nezithakazelo zabo bonke abakhona.
4 Uthando ngomakhelwane bethu kufanele lusenze sikuqaphele ukugwema ukuphazamisa phakathi nemihlangano. Ukuhlebeza, ukudla, ukuhlafuna ushingamu, ukuhwashazisa amaphepha, nokwehla senyuka siya endlini yangasese ngokungadingekile kungaphazamisa ukugxila kwezingqondo zabanye futhi kuqede ukuhlonipheka okufanele indawo yokukhulekela kaJehova. Akufanele nganoma ubani ukusingatha izindaba zebandla noma ukuxoxa nabanye ngaphandle kwalapho kunendaba ephuthumayo edinga ukuba abazalwane basukume. Ngaphandle kwalokho, bonke kufanele bahlale phansi futhi balalele isimiso ukuze bazizuzise bona nemikhaya yabo. Imikhuba engemihle ayifaneleki neze eHholo LoMbuso ngoba “uthando . . . aluziphathi ngokuhlazisayo.”—1 Kor. 13:4, 5; Gal. 6:10.
5 Ukuziphatha okuhle kwezingane zethu emihlanganweni nakho kuletha udumo egameni likaJehova. Isandla esiqinile sabazali sibalulekile. Izingane kufanele zikhuthazwe ukuba zilalele futhi zihlanganyele. Abazali abaningi abanezingane ezincane bakhetha ukuhlala endaweni okuzoba lula kuyo ukuphuma nokunakekela izidingo zezingane zabo ngaphandle kokuphazamisa abanye ngokungadingekile.
6 UPawulu wayala: “Ziphatheni ngendlela efanele izindaba ezinhle.” (Fil. 1:27) Khona-ke, masilwele ukuba nemikhuba emihle futhi sicabangele abanye lapho sisemihlanganweni. Ukubambisana kwethu sonke kuyokwenza ukuba kube khona “ukukhuthazana . . . omunye nomunye ngokholo lomunye.”—Roma 1:12.