IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-November: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R10,90. Ngaphezu kwesipho senyanga, qhubekani nihambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade ngomnikelo okhethekile, njengoba kwashiwo encwadini esasiyibhalele wonke amabandla ka-June 28, 1995. Sifuna ukuba sonke isitokwe esisasele salencwadi siphele. Ngo-December nango-January: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-February: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50.
◼ ISIKHUMBUZO: Sizani niqikelele ukuba nithole amabheji enu oMhlangano Wesigodi ‘Wabadumisi Abajabulayo’ kusenesikhathi. Ummemezeli ngamunye kufanele alifake phakathi nomhlangano, okuyomenza abonakale njengomunye woFakazi BakaJehova. Amabheji ngeke atholakale emihlanganweni yesigodi. Uma ungakakwenzi lokho, sicela uthumele i-oda lakho ngokushesha.
◼ Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:
Sing Praises to Jehovah (Umculo wezinsimbi kuphela; isethi yama-albhamu ayisihlanu; amakhasethi angu-113; ibandla, iningi, namaphayona: R330,00)
“Intando Yakho Mayenziwe Emhlabeni” (ibandla neningi: R5,25; amaphayona: R3,50)—ngesiNgisi