Siyalidinga Ibandla
1 Amadodana kaKora ake azwakalisa ukwazisa kwawo ibandla likaJehova ngalendlela: “Usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane.” (IHu. 84:10) Kuwo, izwe lalingenalutho elalingawanikeza lona okungaqhathaniswa nakho. Uma unemizwa efanayo, kufanele wenze ibandla libe yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho.
2 Kusukela ekuqaleni kwalo, ibandla lamaKristu liye labonisa ukuthi linesibusiso sikaJehova. (IzE. 16:4, 5) Akekho namunye kithi okufanele athathe ibandla kalula noma abe nomuzwa wokuthi limane liyindlela yokusihlanganisa nje ngokwenyama. Ibandla liyindawo yokuthola isikhuthazo koFakazi BakaJehova kuyo yonke imiphakathi. Linikeza ubudlelwane obunobunye ukuze sifundiswe uJehova futhi sihlelelwe umsebenzi woMbuso.—Isaya 2:2.
3 Ibandla lamaKristu liwumzila oyisisekelo wokusifundisa iqiniso. (1 Thim. 3:15) Abalandeli bakaJesu kumelwe “bonke babe munye”—babe sebunyeni noNkulunkulu, noKristu, kanye nomunye nomunye. (Joh. 17:20, 21; qhathanisa no-Isaya 54:13.) Kungakhathaliseki ukuthi singaya kuphi emhlabeni, abafowethu bayazikholelwa izimfundiso nezimiso zeBhayibheli, futhi baziphatha ngokuvumelana nazo.
4 Siyaqeqeshwa futhi sihlonyiselwe ukuba sifeze isabelo sethu sokwenza abafundi. Inyanga ngayinye, INqabayokulinda, i-Phaphama!, ne-Nkonzo Yethu YoMbuso kunikeza ukwaziswa okuwusizo kokusisiza ekuqaleni izingxoxo ezingokomBhalo. Imihlangano iklanyelwe ukusibonisa indlela yokuthola nokuthuthukisa isithakazelo. Ukwanda esikubonayo emhlabeni wonke kubonisa ukuthi sinokusekelwa kwasezulwini kulomsebenzi.—Math. 28:18-20.
5 Ngebandla, sithola isikhuthazo sansuku zonke ‘esisivusela othandweni nasemisebenzini emihle.’ (Heb. 10:24, 25) Siqiniselwa ukuba sikhuthazelele izilingo ngokwethembeka. Ababonisi abanothando basisiza ukuba sibhekane nokucindezela nezinkathazo. (UmSh. 4:9-12) Sinikezwa iseluleko esisidingayo lapho sisengozini yokunhlanhlatha. Iyiphi enye inhlangano enikeza ukunakekela kothando okunjalo?—1 Thes. 5:14.
6 Kuyintando kaJehova ukuba sihlale siseduze nenhlangano yakhe ukuze silondoloze ubunye bethu. (Joh. 10:16) Enye indlela ibandla elisisiza ngayo ukuba sihlale sixhumene nesigaba sesigqila esikholekile ingokuthumela ababonisi abajikelezayo bazosikhuthaza. Ukusabela kwethu esiqondisweni sothando kusihlanganisa ebunyeni obusisiza ukuba sihlale siqinile ngokomoya.
7 Ibandla libalulekile ekusindeni kwethu ngokomoya. Bekungaba nzima ukukhonza uJehova ngokwamukelekayo ngaphandle kwalo. Khona-ke, masihlale siseduze nalokho uJehova akulungiselele. Kwangathi singasebenza ngokuvumelana nemigomo yalo futhi ngobuqotho sisebenzise iseluleko esisithola khona. Kungalendlela kuphela esingabonisa ngayo ukuthi ibandla libaluleke kangakanani kithina.—IHu. 27:4.