Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/95 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 7/95 k. 3

IZaziso

◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-July nango-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi kulezi zincwajana ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,00 iyinye: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R10,50. Encane ngo-R5,30. Kufanele kwenziwe imizamo yokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-October: Izikhokhelo zonyaka ezifika ngeposi zomagazini abaphuma kabili ngenyanga i-Phaphama! noma INqabayokulinda ngomnikelo ka-R33,00. Isikhokhelo sonyaka noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kanye ngenyanga siwu-R16,50. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa amakhophi omagazini lapho isipho senqatshwa.

◼ Kusukela ngo-September 1995, ababonisi besifunda bazonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Ukufundisa Kwaphezulu Kuyanqoba Emhlabeni Wonke.” Lena inkulumo yama-slide eqokomisa iMihlangano yezizwe ekhethekile ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ yamuva.

◼ Kusukela ngemihlangano yesifunda neyezinsuku zomhlangano okhethekile yango-September 1995 neMihlangano Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo’ ezoba sekupheleni konyaka, ngeke kube khona ukudla okuzolungiselelwa. Umuntu ngamunye kufanele aziphathele ukudla kwakhe neziphuzo. Izindleko zalemihlangano ziyokhokhwa ngeminikelo yokuzithandela. Imininingwane ephelele iyonikezwa ku-Nkonzo Yethu YoMbuso elandelayo.

◼ Amabandla akhunjuzwa ukuba a-ode amafomu anele onyaka wenkonzo ka-1996. Lamafomu akufanele asaphazwe. Kufanele asetshenziselwe injongo enzelwe yona kuphela.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku ezintsha zemihlangano yesigodi elandelayo yilezi:

December 15-17: EGaborone, eBotswana

December 23-25: EMafikeng

◼ Ezingeke Zisaba Khona Esitokweni ENingizimu Afrika:

Imiqulu ye-Awake! esukela ku-1960 kuya ku-1984 no-1986 kuya ku-1988—ngesiNgisi

Umqulu we-Watchtower ka-1961 no-1988—ngesiNgisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela