Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-January 2 kuya ku-April 7, 1995. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhale kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi wnbuzo. lzikhombo ezilandela irnibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Impikiswano yobukhosi empeleni iwumbuzo wokuthi ubani onamandla kakhulu, uJehova noma uSathane. [jv-ZU kk. 11-12]
2. Ibandla lamaKristu lekhulu lokuqala laliyinhlangano engahlelekile eyakhiwa amabandla ezindawo azibusayo. [jv-ZU k. 29 izig. 1-3]
3. Ukwamukela iseluleko kuwuphawu lobuthakathaka. [uw-ZU k. 127 isig. 4]
4. Igama elithi “umbonisi” nelithi “indoda endala,” noma “umdala,” empeleni wonke abhekisela esikhundleni esisodwa. [jv-ZU k. 35 umbhalo waphansi]
5. IzAga 11:25 ziyisibonelo semiqondo ephindaphindwayo ebhalwe ngendlela esankondlo yesiHeberu, kanti izAga 10:7 ziyisibonelo sokuphindaphindwa okuningi kwezinto eziphikisanayo. [si-ZU k. 107 isig. 7]
6. Ngo-33 C.E., lapho esevusiwe futhi wathatha indawo yakhe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, uJesu waqala ukubusa ngalesosikhathi phezu kwabafundi bakhe abagcotshiwe. (Ko1.1:13) [gt-ZU isahl.132]
7. Eminyakeni engu-3 000 ngaphambi kokuba izazi zesayensi zithole umthetho wofuzo, iHubo 139:13-16 labonisa ukuba nolwazi ngawo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 5/15 k.4.]
8. IzAga 8: 22-31 zichaza ukuhlakanipha ngokuphelele. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 5115 k. 28.]
9. UmKristu weqiniso akufanele kube khona akuzondayo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 111 k. 21.]
10. Ngenxa yokuthi amaKristu amaningi akuqala afakaza ebhekene nokufa, igama lesiGreki elisho “ufakazi” laba nencazelo eyasebenza kubantu ababezimisele ukufela izinkolelo zabo. [jv-ZU k.13]
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. Yisho ofakazi bakaJehova abathathu bangaphambi kukaZamcolo. [jv-ZU kk.13-14]
12. Ngokuka-Isaya 43:10 no-61:1, 2, yiziphi izizathu ezimbili ezenza kudingeke ukuba uJesu abe ufakazi kaJehova? [jv-ZU k. 19 isig. 4]
13. Uma amaJuda kamuva aba amaKristu ayeselazi igama likaNkulunkulu, kungamuphi umqondo uJesu alibonakalisa ngawo, noma wawazisa lona? [jv-ZU k. 21 isig. 1]
14. Iziphi izinguquko ezimbili eziphawulekayo eziphathelene nokuhlela ezenzeka ebandleni eminyakeni engaba ngu-150 noma ngaphezudlwana ngemva kokufa komphostoli wokugcina? [jv-ZU k. 35 isig. 2, k. 36 isig. 2]
15. Nakuba iNkathi Yezinguquko yafeza izinto ezithile ezinhle, yisho okungenani amaphutha amabili ayisisekelo obuKatolika amasonto amaProthestani ahamba nawo. [jv-ZU k. 39 izig. 2, 3]
16. Iyiphi imfundiso engamanga eyayingamukeleki enhliziyweni eqotho kaCharles Taze Russell owayesanda kweva eshumini nambili? [jv-ZU k. 43 isig. 2]
17. Yini eyenza indlela kaMfoweth’ uRussell yokuchaza izimfundiso zeBhayibheli yahluka kweyabanye abalobi abaningi bosuku lwakhe? [jv-ZU k. 53 isig. 3]
18. Kwaba nayiphi inzuzo ukwazi kukaJesu amaHubo? [si-ZU k.105 isig. 30]
19. Kungani abaphostoli abathembekile, umfowabo kaJesu ngamzali munye uJakobe nabafundi abangaphezu kuka-500 babeqiniseka ukuthi uJesu wayevukile? [gt-ZU isahl. 131]
20. Ubani owanika uSolomoni ukuhlakanipha, futhi yini lokho okufanele kusenze siyiqaphele lapho sifunda izAga? [si-ZU k. 106 isig. 1]
Nikeza igama noma amagama adingekayo ukuze kuqedelwe lezizinkulumo ezilandelayo:
21. Labo uJesu asho kubo amazwi akhe asencwadini yezEnzo 1:8 kakade base bengofakazi ․․․․․․․, futhi manje base bezokuba nelinye ilungelo lokuba ofakazi ․․․․․․․. [jv-ZU k. 26 izig. 1, 2]
22. UMfoweth’ uRussell wayeqiniseka ukuthi ukubuya kukaKristu kwakuyoba ․․․․․․․, futhi kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi esikhathini eside ngaphambi kwesikhathi sikaRussell, uSir Isaac Newton wabhala ukuthi uKristu wayezobuya futhi abuse “․․․․․․․.” [jv-ZU k. 46 umbhalo waphansi]
23. Enkulumweni yakhe edumile ngePentekoste lika-33 C.E., uPetru wacaphuna ngokuphindaphindiwe encwadini ․․․․․․․; ngalolosuku abantu abangaba ․․․․․․․ babhapathizwa futhi banezelwa ebandleni. [si-ZU k. 105 izig. 25, 26]
24. AmaHubo abikezela ukuthi uJesu wayezonikezwa ․․․․․․․ ukuba awuphuze, ukuthi kwakuyokwenziwa inkatho ․․․․․․․ zakhe zangaphandle, nanokuthi kwakuyobonakala sengathi ․․․․․․․ umlahlile. [si-ZU k. 105 isig. 30]
25. UbuKristu baziwa ngokuthi ngenxa yokuthi ․․․․․․․ babuyindlela yokuphila eyayigxile ekubeni nokholo ․․․․․․․ nasekulandeleni eduze izinyathelo zakhe. [jv-ZU k. 29 isig. 5]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Lapho esesigxotsheni, uJesu wanikwa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa wenqaba ukuliphuza ngoba (uMthetho wawukwenqabela; wayengumNaziri; wayefuna ukuba ngosanguluke ngokuphelele). [gt-ZU isahl. 125]
27. Ukuhlanza izingubo zethu sizenze zibe mhlophe egazini leWundlu kusho ukuthi (siyeka ukwenza izono; siqaphela isidingo sethu senani elisusa isono lomhlatshelo kaJesu; sinikezela ukuphila kwethu kuNkulunkulu sibhapathizwe). [uw-ZU k. 106 isig. 7]
28. (UHerode; uPilatu; uFeliksi), washo okungenani izikhathi eziyisihlanu ukuthi uJesu wayengenacala, kamuva wavuma ukwehlulwa ukuphikelela ngenkani kwamaJuda futhi wamnikela uJesu ukuba abulawe. [gt-ZU isahl. 124]
29. Zonke izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezafa futhi zangavuka ngaphambi kwePentekoste (lika-36; lika-35; lika-33) C.E. azizange zigcotshwe ngomoya ongcwele ukuze ziphile ezulwini. [uw-ZU k. 111 isig. 5]
30. USathane ugomela ngokuthi sonke isintu sishukunyiswa (uthando; inzondo; isifiso senzuzo yomuntu siqu) nokuthi esikukhathalela ngokuyinhloko (igama likaNkulunkulu; abanye; ubumina). [uw-ZU k. 124 isig. 14]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
IzAga 3:27, 28; Joh. 19:4-6; 19:25-27; Roma 15:2, 3; IsAm. 7:16, 17
31. AmaKristu anomthwalo wemfanelo wokunakekela abazali bawo abakhulile. [gt-ZU isahl. 126]
32. Siwukhathalela ngobuqotho umphumela ukubukeka kwethu okungaba nawo kwabanye, ngakho sizimisele ukudela ukuzijabulisa thina. [uw-ZU k. 130 izig. 10, 11]
33. Noma nini lapho sinethuba lokwenza okuhIe kwabanye, kungakhathaliseki ukuthi ngendlela engokomoya noma engokwenyama, kufanele sibambe ithuba futhi sisize abantu esikanye nabo, ikakhulukazi abafowethu abangokomoya. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93-ZU 12/15 k. 20.]
34. Isithunzi esinesizotha nokuthula lapho sibhekene nezimo ezinzima kungaletha udumo kuJehova futhi kusizuzele inhlonipho yabantu. [gt-ZU isahl. 123]
35. Sesiqalile ukujabulela izimo ezathenjiswa ezibizwa ngokufanelekile ngokuthi “ipharadesi elingokomoya.” [uw-ZU kk. 107-9 izig. 9-11]