IZaziso
◼Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R10,50. Encane: R5,30. Ngo-October: Izikhokhelo ezifika ngeposi zomagazini abaphuma kabili ngenyanga ze-Phaphama! noma INqabayokulinda ngomnikelo ka-R30,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R15,00. Izikhokhelo ze-Club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo. Ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50.
◼SIZANI NIPHAWULE: Usuku lomhlangano wesigodi olandelayo selushintshiwe:
November 25-27:
ESt. Helena (isiNgisi)
◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho senikwenzile lokhu.
◼ Abamemezeli abahlela ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-October kufanele bafake izicelo zabo ngokushesha. Lokhu kuyokwenza abadala bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekile ezincwadi nensimu.
◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandelele iziyalezo ezinikezwe emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, ngokuphathelene nanoma ibaphi abantu abasuswa ekuhlanganyeleni noma abazihlukanisa okungenzeka babonisa isimo sokufuna ukubuyiselwa.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1995 e-odeni lawo lezincwadi lango-September. Amakhalenda azotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Ayizinto ezi-odwa ngokulinganiselwa. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali.
◼ Kusukela kumagazini ka-July 8, 1994, umagazini i-Phaphama! ngesiShayina usuzophuma kabili ngenyanga futhi kanyekanye nesiNgisi.
◼ INqabayokulinda ne-Phaphama! ngesiShayina (Esilula) sekuzotholakala kuwo wonke amazwe. INqabayokulinda manje isinyatheliswa ngombala ogqamile. Labomagazini baphuma kabili ngenyanga futhi baphuma kanyekanye nesiNgisi. Amabandla asengawafaka ama-oda omagazini abahanjiswayo, kanti nezikhokhelo zomuntu siqu sesizozamukela manje uma zithunyelwe ngebandla.
◼ INhlangano ayiwasingathi ama-oda ezincwadi abamemezeli ngabanye. Labo abadinga into ethile bangatshela inceku yezincwadi eyokuhlanganisa ngokushesha ne-oda lezincwadi lebandla lazinyanga zonke. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba i-oda lezincwadi lebandla lithunyelwe eNhlanganweni ukuze bonke abanesithakazelo sokuthola izincwadi zabo siqu batshele umzalwane onakekela izincwadi.
◼ Kusukela ngo-September 1, 1994, amanani azo zonke izincwadi azokwenyuka. Sizani nibheke Uhlu Lwamanani esiluthumele kuwo wonke amabandla ukuze nibone eminye imininingwane.
◼ NgoMgqibelo, October 8, 1994, umkhaya waseBethel nefekthri kuzovalwa ukuze kuhlanzwe, ngakho ngeke abe khona amalungiselelo okubuka indawo.
◼ Sikhumbuza WONKE AMABANDLA ukuba asize a-ode ngokushesha ngangokunokwenzeka amakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card ngefomu le-Literature Order (S-AB-14). Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele i-oda lawo nemali. Amakhadi e-medical directive angamasenti ayishumi lilinye kanti ama-Identity Card angamasenti ayisishiyagalombili lilinye. Sizani ni-ode ngamaqoqo ahamba ngo-20 uma kungenzeka. Sizani ningawakhiphi lamakhadi, kodwa niwagcine kuze kube yilapho nithola ezinye iziyalezo ezivela eNhlanganweni.
◼ Amabandla akhuthazwa ukuba a-ode izimemo ezazisa izikhathi zemihlangano. Lezizimemo zitholakala ngo-R13,00 ziyinkulungwane. Ayizinto ezi-odwa ngokulingasela futhi ziyofakwa ku-akhawunti yenu yezincwadi. (Uma i-akhawunti yenu yezincwadi ingekho esimweni esihle, sizani nithumele ama-oda enu nemali.) Ningazi-oda izimemo ngefomu le-Handbill Order (S-AB-16). Uma ningenalo ifomu loku-oda, sizani nisinikeze izikhathi zemihlangano yenu (okungukuthi, usuku nesikhathi umhlangano ngamunye oqhutshwa ngaso) kanye nekheli leHholo LoMbuso.
◼ Sekukhona enye i-diskette ye-computer: i-GetVerse. Lendlela entsha ivumela lowo oyisebenzisayo ukuba afake amatekisi eBhayibheli ngokuqondile ku-DOS word processor. Iwusizo ekulungiseleleni izinkulumo noma ekwenzeni uhlu lwemibhalo. I-GetVerse itholakala ngesiNgisi kuphela ngama-diskette angu-5 1/4-inch 360-kilobyte. Ukuze ukwazi ukusebenzisa lendlela kufanele ube ne-New World Translation of the Holy Scriptures—With References noma i-New World Translation of the Holy Scriptures—With References/Insight on the Scriptures okufakiwe futhi okusebenzayo ku-computer yakho. Ibandla, iningi, namaphayona u-R12,00.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
NgesiPutukezi: Umqulu we-Watchtower wango-1978 no-1979 (ibandla, iningi, namaphayona: R22,00); I-Watchtower Publications Index 1960-1990 (ibandla neningi: R37,00; amaphayona: R26,00).