Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/94 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 4/94 k. 7

IZaziso

◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka sabaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha sabaphuma kabili ngenyanga singu-R9,50. Ngo-June: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00. Ngo-July: Noma yiziphi izincwajana ezinamakhasi angu-32 okungenzeka ibandla linazo esitokweni zingahanjiswa ngomnikelo wamasenti angu-90. Uma zingekho lezincwajana, kungahanjiswa izincwajana ezingangomagazini ngomnikelo wamasenti angu-90 iyinye.

◼ Zonke izincwadi eziya eNhlanganweni kufanele zihlolwe futhi ziposwe unobhala. Siza uqiniseke ukuthi ikheli eliphelele lebandla, kanye nenombolo yeposi, kubhaliwe echosheni eliphezulu esandleni sobunxele noma ngemuva emvilophini.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda I-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1994 e-odeni lawo lezincwadi lango-April. I-Yearbook ka-1994 izotholakala ngesiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, nangesiPutukezi. Ama-Yearbook ayizincwadi ezi-odwa ngokulinganiselwa futhi imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-R4,50 iyinye. Amaphayona asenezinyanga ezingaphezu kweziyisithupha esohlwini angazitholela ikhophi yamahhala ibandla elingayicelela isaphulelo. Amaphayona angazitholela amakhophi engeziwe ngo-R3,00 iyinye.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ka-1993. Lemiqulu iyotholakala ngesiDashi, isiFulentshi, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, nangesiPutukezi. I-oda lenu ningalithumeli nemali uma ibandla lenu line-akhawunti yezincwadi eNhlanganweni. Imali yalemiqulu iyofakwa ku-akhawunti yebandla yezincwadi. Kuze kube yilapho lemiqulu isitholakele futhi yathunyelwa, kuyobhalwa ukuthi “Back Ordered” kuma-invoice ebandla. Amabandla anezikweletu kuma-akhawunti awo ezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Lemiqulu iyizincwadi ezi-odwa ngokulinganiselwa futhi iyobiza u-R18,00 umunye ngebandla, iningi, namaphayona.

◼ Ikomiti yenkonzo kufanele isize iphawule ukuthi wonke ama-oda e-Nkonzo Yethu YoMbuso azokwenziwa esikhathini esizayo, noma ushintsho ema-odeni, kufanele enziwe ngamaqoqo ahambe ngamane. Sizowashintsha wonke ama-oda akhona manje abe ngamaqoqo ahamba ngamane. Lokhu akulithinti i-oda lomagazini, lona okusafanele liqhubeke lenziwa ngamaqoqo ahamba ngamahlanu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela