Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/94 k. 1
  • Dumisani Izibulo LikaJehova!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Dumisani Izibulo LikaJehova!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusiza Bonke Abaye Babonisa Isithakazelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele Ngezindaba Ezinhle’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Shisekela Okuhle!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • UJehova Uyayibusisa Imizamo Yethu Yokuba Khona ESikhumbuzweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 2/94 k. 1

Dumisani Izibulo LikaJehova!

1 NgeSonto, ngoNisan 9, 33 C.E., isixuku esikhulu esiphethe amagatsha esundu ngezandla zaso sadumisa iNdodana kaJehova eyizibulo, iNkosi uJesu Kristu, ‘njengezayo egameni leNkosi.’ (Luka 19:38; Heb. 1:6) NgoMsombuluko nangoLwesibili, ngoNisan 10 no-11, uJesu wayematasa kakhulu ngenkonzo yakhe yasobala, enza lezozinsuku zokugcina zokuphila kwakhe kwasemhlabeni zibe ezimatasa kunazo zonke.

2 Namuhla, isixuku esikhulu ngisho nangaphezulu esiphethe amagatsha esundu angokomfanekiso ngezandla zaso simemeza ngezwi elikhulu: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” (IsAm. 7:9, 10) Ngo-March 26, sizohlangana ukuze sigubhe iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Njengoba lolosuku lusondela, ingabe singayandisa imizamo yethu enkonzweni ngaleyondlela senezele kulokhu kuhlokoma kodumo?

3 Yandisa Umsebenzi Wasensimini: Abamemezeli abaningi kakade sebebhalisele ukuba babe amaphayona asizayo ngo-March. Ingabe ungathanda ukuhlanganyela nabo? Uma kunjalo, faka isicelo sakho kungakephuzi. Omunye wabadala uyokujabulela ukuphendula noma imiphi imibuzo ongase ube nayo ngokuphathelene nalomsebenzi.

4 Kungakhathaliseki ukuthi ungakwazi yini ukukhonza njengephayona elisizayo noma cha, uyofuna ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni phakathi no-March. Ibandla lingase likwazi ukuhlela ukuba kufakazwe njengeqembu zonke izinsuku phakathi nenyanga. Kufanele kubekelwe eceleni insimu eyanele ukuze kufezwe leyonjongo.

5 Wonke amabandla kufanele ahlele umhlangano okhethekile wenkonzo yasensimini ngoMgqibelo, ngo-March 26. Nakuba kunokuningi kokwenziwa ekulungiseleleni iSikhumbuzo, kutuswa ukuba wonke umuntu ongase akwazi ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini ngoMgqibelo ekuseni enze kanjalo. Ngaphezu kokusebenza indlu ngendlu, qikelelani ukuthi labo enibamemile ukuba babekhona eSikhumbuzweni banezinto zokuhamba nanokuthi basiqonda kahle isikhathi nendawo yokuhlangana.

6 Memani Futhi Nikhuthaze Abanye: UJesu wayala abalandeli bakhe: “Lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” (1 Kor. 11:24) Njengoba abalandeli bezinyathelo zikaJesu abagcotshiwe bewulalela lowomyalo, inceku ngayinye kaJehova imenywa ukuba ibe khona futhi igubhe umkhosi weSikhumbuzo. Phakathi kwabanye, kufanele nimeme abantu enifunda nabo iBhayibheli, izihlobo, labo eniye naba nezingxoxo zeBhayibheli nabo, abangane bomshado abangakholwa, kanye nabantu enisebenza nabo. Bhala uhlu ukuze kungabibikho muntu osalayo.

7 Kuyoba namathuba engeziwe okukhuthaza abantu abathakazelayo khona kanye eSikhumbuzweni. Qikelelani ukuba nifike ngesikhathi ukuze nibingelele abasha abaqalayo ukuba khona. Uma kunabantu enifunda nabo iBhayibheli abaningana abakhona, kungaba usizo ukuba omunye ummemezeli ahlale nabanye phakathi nomhlangano. Memani abasha ukuba babe khona eMhlanganweni Weningi webandla oba khona njalo. Umdala okhethelwe ukunikeza inkulumo yeningi kufanele akulungiselele kahle ukunikeza inkulumo eshukumisayo.

8 Esiphethweni somkhosi weSikhumbuzo, lapho sihlanganyela ekuculeni ingoma 105 ethi, “Dumisani IZibulo LikaJehova!,” kwangathi singakwazi ukubheka emuva ngokwaneliseka enyangeni yomsebenzi wentshiseko ongokwasezulwini oletha udumo kuJehova!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela