Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/93 k. 7
  • Izikhumbuzo Ezifike Ngesikhathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izikhumbuzo Ezifike Ngesikhathi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 12/93 k. 7

Izikhumbuzo Ezifike Ngesikhathi

1 Iningi lethu lizobe lingekho emabandleni alo phakathi no-December. Abazalwane abaningi bazokuya emhlanganweni wesigodi futhi abanye bangase baqondanise iholide labo laminyaka yonke nomhlangano wesigodi. Uma sizobe singekho ekupheleni kuka-December, sizothanda ukuqikelela ukuba sithumele imibiko yethu yenkonzo yasensimini kunobhala webandla. Lokhu kufanele kwenziwe kusasele isikhathi esanele ukuze ihlanganiswe nombiko webandla wazinyanga zonke, unobhala awugcwalisa abese ewuthumela eNhlanganweni mhla ziyisithupha enyangeni. Inani elikhulu labazalwane lizobe lisemihlanganweni yezizwe kusukela ngo-December 30 kuya ku-January 2. Lokhu kungase kwenze kube nzima kakhulu ngonobhala ukuthola umbiko wenu wenkonzo yasensimini ngesikhathi. Sisikisela ukuba imibiko yenu niyifake ngeSonto, ngo-December 26. Uma uhlanganyela enkonzweni ngemva kwalolosuku, lowombiko ungawuhlanganisa nombiko wakho wango-January 1994.

2 Sifuna futhi ukuphaphamela amathuba okufakaza ngokwethukela. Amathuba anjalo angavuleka lapho sisohambweni, sivakasha nezihlobo, noma sixoxa nabanye esihlangana nabo. Ingabe amathuba okunikeza ubufakazi siwabheka njengoba uJesu enza? Akazange esabe ukunikeza ubufakazi bokwethukela. (Joh. 4:5-30) Umphostoli uPawulu ngokufanayo ‘wathengisisa isikhathi’ futhi wajabulela imiphumela emihle. (Efe. 5:16; IzE. 17:17; 28:30, 31; Kol. 4:5) Ngisho nalapho sisemhlanganweni, singabunikeza ubufakazi. Enye indlela yokwenza lokhu iwukufaka ibheji lakho njalo. Lokhu kungavula ithuba lokunikeza ubufakazi. Niyothola futhi ukuthi kunamathuba okunikeza ubufakazi ngaphambi kwesimiso nangemva kwaso nsuku zonke. Hlalani nilungiselele amaphuzu ambalwa ahambisana nesikhathi okukhulunyelwa futhi nibe nomagazini kanye namapheshana eduzane ukuze nivuse ngakho isithakazelo.

3 Ngokulandela ngokucophelela lezikhumbuzo, siyoqikelela ukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha kulelihlobo futhi siyobe sinikeza uJehova ‘ulibo lwezithelo’ zethu.—IzAga 3:9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela