Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-September 6 kuya ku-December 20, 1993. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhale kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Incwadi ka-Ezra ihlanganisa umlando wokusebenzelana kukaJehova namaJuda kuze kuyofika esikhathini sokuhlanganiswa kwezincwadi zesiHeberu. [siZU k. 86 isig. 7]
2. Ekuqaleni incwadi ka-Ezra nekaNehemiya zaziyincwadi eyodwa, ebizwa ngokuthi u-Ezra. [siZU k. 88 isig. 3]
3. Lapho unikeza inkulumo, kungcono kakhulu ukungashiseki ngokweqile kuyo yonke inkulumo yakho. [sgZU k. 164 isig. 6]
4. Amavesi okugcina eziKronike zesiBili afakazela ukuthi iminyaka engu-70 egcwele kumelwe ibalwe kusukela ekuchithweni ngokuphelele kwezwe lakwaJuda kuze kube sekubuyiselweni kokukhulekela kweqiniso ngo-537 B.C.E. [siZU k. 84 isig. 35]
5. Ukuphendula njalo emihlanganweni kuyokusiza ukuba ujwayele ukukhuluma phambi kweqembu. [sgZU k. 183 isig. 14]
6. ‘Owesifazane wamadodakazi akwaDani’ wayeshade futhi nendoda yesizwe sakwaDani. (2 IziKr. 2:14) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w79 4/15 k. 31.]
7. EzesiBili iziKronike 16:14 zibonisa ukuthi iNkosi u-Asa yashiswa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w76 k. 416.]
8. KuLuka 11:51, ngokusobala uJesu wayebhekisela ekukhandweni ngamatshe kukaZakariya indodana kaJehoyada. (2 IziKr. 24:20, 21) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w80 3/1 k. 31.]
9. Uma kwenzeka ukuba noma ubani woFakazi BakaJehova ephuthelwa iSikhumbuzo, kufanele asigubhe ngemva kwezinsuku ezingu-30. (2 IziKr. 30:2) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU85 2/15 k. 32.]
10. Abathunjwa abangamaJuda baphinde bakha ezweni lakubo ‘ngenyanga yesikhombisa,’ noma cishe ngo-October 1, 537 B.C.E. (Ezra 3:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-siZU k. 283 isig. 29.]
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. Ngokuyisisekelo ukulinganiswa okufanele kwesikhathi senkulumo kuhilelani? [sgZU k. 179 isig. 25]
12. Yiliphi ithempeli elidlula amathempeli asemhlabeni ngenkazimulo? [siZU k. 87 isig. 16]
13. Kuyini ukungafani kwezwi? [sgZU k. 160 isig. 11]
14. Kungani kumelwe kwenziwe kukhanye ukusebenza komfanekiso? [sgZU k. 169 isig. 10]
15. Uma isikhulumi sidla isikhathi, lokhu kungase kube namuphi umphumela esiphethweni saso? [sgZU k. 177 isig. 16]
16. Kungani kungekhona okungafanelekile ukuqopha umthandazo owenzelwa iningi? (2 IziKr. 33:18) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w78 1/1 k. 32.]
17. Umlando usebenzisa liphi igama esikhundleni selithi Osinaphari? (Ezra 4:10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU88 2/15 k. 28.]
18. Kungani izingane zabafazi bezinye izizwe zaxoshwa kanye nonina? (Ezra 10:3, 44) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU86 1/15 k. 9.]
19. Kwakuyimuphi unyaka ‘unyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita’? (Neh. 2:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU92 10/1 k. 11.]
20. UMthetho ‘wawuchazwa’ kanjani? (Neh. 8: 8) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU86 2/15 k. 26.]
21. Kufanele ube njani umfanekiso osetshenziswe enkulumweni? [sgZU k. 170 isig. 20]
Nikeza igama noma amagama adingekayo ukuze kuqedelwe lezinkulumo ezilandelayo:
22. Ngemva kokuthunjelwa eBabiloni, insali ethembekile yamaJuda yamisa i-altare futhi yanikela ngemihlatshelo ngonyaka ka․․․․․․․. [siZU k. 85 isig. 3]
23. Uma isikhulumi sinomuzwa wemfudumalo ngezilaleli zaso, kufanele kubonakale ․․․․․․․ baso. [sgZU k. 165 isig. 13]
24. Uma sisebenzisa amagama angokwaseZulwini enkonzweni yethu, kubalulekile ukuba ․․․․․․․. [sgZU k. 172 isig. 5]
25. Injongo eyinhloko yesiphetho ․․․․․․․. [sgZU k. 175 isig. 4]
26. Isikhulumi akufanele ․․․․․․․ kuyi-stand noma etafuleni lesikhulumi. [sgZU k. 185 isig. 26]
27. Ngokuvumelana neyoku-1 Thimothewu 3:1, abazalwane bangazenza batholakale ․․․․․․․. [sgZU k. 190 isig. 10]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
28. U-Ezra waqeda iziKronike ngo-(c. 515; c. 460; c. 537) B.C.E. [siZU k. 79 isig. 1]
29. UNehemiya wakhonza phakathi nokubusa kwenkosi yasePheresiya (uKoresi; uXerxes; u-Aritahishashita). [siZU k. 88 isig. 1]
30. “Umkhosi” ubhekisela eMkhosini (Wamadokodo; Wamasonto; Wesinkwa Esingenamvubelo). (2 IziKr. 7:8) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-pm k. 53.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
2 IziKr. 9:9; 2 IziKr. 19:7; 2 IziKr. 28:16, 20, 21; 2 IziKr. 36:20, 21; Neh. 5:7
31. Ukuzihlanganisa okungadingekile nezwe kungaba yinhlekelele. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU85 9/1 k. 30.]
32. Ngokuphathelene nombono ofanelekile wokufumbathisa, uJehova ngokwakhe ubeka izindinganiso. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU86 10/1 k. 30.]
33. Lokhu kwakuwukwephula okuqondile umthetho kaJehova okuLevitikusi 25:36 noDuteronomi 23:19. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU86 2/15 k. 25.]
34. Lokhu kusitshela ngesipho esibiza ngaphezu kuka-R100 000 000. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gZU87 12/8 k. 26.]
35. Esinye sezizathu zokuthunjelwa kukaIsrayeli eBabiloni iminyaka engu-70 sasiwukwephula imithetho kaNkulunkulu yeSabatha. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gZU80 3/8 k. 27.]