Ukusebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini Ekufuneni Abathakazelayo
1 Izincwajana ezingangomagazini zingamathuluzi anamandla kakhulu. Ngamakhasi nje angu-32, incwajana engangomagazini ingagxilisa ngokuqinile amaqiniso angokomBhalo futhi ichithe ukucabanga kanye nezimfundiso ezingavumelani nolwazi lukaNkulunkulu.—2 Kor. 10:5.
2 Ngemva kokufunda incwajana engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke, indoda ethile yashukumiseleka ukuba ibhale lokhu: “Angikaze ngiyibone inhlangano enjengalena. . . . Kuyamangalisa ukuthola abantu ababheka ukwenza intando kaNkulunkulu ngokungathi sína kangaka kulenkathi yobuzenzisi obuningi kangaka obungokwenkolo.” Inyanga ethile e-Afrika yafunda incwajana engangomagazini ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! Yaba naliphi ithonya kuyo? Yakuyeka ukuba inyanga futhi yaxosha bonke abesifazane eyayihlala nabo kwasala kuphela inkosikazi yayo yokuqala. Yabe isimshada ngokomthetho.
3 Incwajana engangomagazini ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? iyithuluzi langempela elinezikhombo ezinhle zokwaziswa, elinengqondo, neliphumelelayo. Ekhuluma ngayo, omunye umlobi wezenkolo we-Sunday Gleaner eJamaica, eNtshonalanga Indies, wathi: “Lencwadi . . . iyinkunz’malanga yoFakazi futhi manje akukho muntu okholelwa kuZiqu-zintathu—noma kuZiqu-zimbili—osalondekile. Lencwajana inenqwaba yezingcaphuno ezithathwe emithonjeni engokomlando nengokwenkolo ukuze ibonise ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ayizange ithathwe eBhayibhelini. . . . Kunzima kakhulu ngombhali walenkolo ukubona indlela ilungu elivamile lesonto—noma ngisho elingaphezu kwelivamile—elingaziphendula ngayo izimpikiswano eziphoqelelayo nezishukumisayo eziphakanyiswa oFakazi ngokumelene nomqondo wokuthi uJesu unguNkulunkulu.”
4 Zisebenzise Kahle: Kufanele senze umzamo wokuhambisa lamathuluzi anamandla, akhangayo, nanokwaziswa okunokwethenjelwa kubantu abaningi ngangokunokwenzeka ensimini yethu. Njengoba sinezincwajana ezingangomagazini ezihlukahlukene, ngayinye ekhuluma ngesihloko esihlukile, kufanele senze umzamo wokuhambisa leyo esiyibheka njengemfanele kakhulu umuntu esifakaza kuye. Ukuzazi izincwajana zethu ezingangomagazini kanye nokuphatha izinhlobonhlobo zazo kuyokwenza kube lula ngokwengeziwe ngathi ukuzisebenzisa kahle, kungakhathaliseki ukuthi kusenkonzweni yasensimini, ekhaya, noma kwenye indawo.
5 Ngokwesibonelo, uma uxoxa nothile odidwe imfundiso kaZiqu-zintathu yeLobukholwa noma okungenzeka ucabanga ukuthi uJesu unguNkulunkulu, iyiphi incwajana obungayisebenzisa? Uma othile ebuza ukuthi kungani uNkulunkulu onothando evumela ukuhlupheka okungaka, iyiphi incwajana engahlangabezana nalesosidingo? Uma umuntu ezwakalisa ukukhathazeka ngesidingo sikahulumeni ozuzisa abantu, iyiphi incwajana engase imfanele?
6 Ngaphezu kokwazi ukuthi iyiphi incwajana ozoyisebenzisa, zama ukuvusa isithakazelo salowomuntu ngalokho ekuqukethe. Uma izimo zivuma, mbonise ukukhulumela noma umfanekiso okungase kuvuse isithakazelo sakhe sokufunda lokhu kwaziswa. Noma ungase ufunde naye isigaba esisodwa noma ezimbili, nifunde imibhalo ekhonjiwe, futhi nixoxe ngalokho kwaziswa. Ngalendlela kuye kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli eziningi ezinhle.
7 Izincwajana zethu ezingangomagazini zinikeza izimpendulo ezingokomBhalo futhi zinikeze ithemba kulabo ababubulayo nabakhalayo ngenxa yezinto ezenyanyekayo ezenziwa emhlabeni. (Qhathanisa noHezekeli 9:4.) Abantu abanjengezimvu bayosabela esigijimini esiqukethwe yizincwadi ezinjengalezi. Kuyilungelo lethu ukuzisebenzisa kahle lezincwajana ezingangomagazini kuzo zonke izici zenkonzo yethu njengoba sifuna abathakazelayo.