INqabayokulinda—Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele
1 Sekuyiminyaka ecishe ibe ngu-114 INqabayokulinda iluleka abafundi bayo ukuba bahlale bephapheme ngokomoya. Umagazini ongumngane wayo i-Phaphama! wakha ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nokulondeka phakathi nesizukulwane sethu. Bobabili labomagazini baye baba amathuluzi athembekile akhanyisa indlela yethu ezweni elimnyama. (Isaya 60:2) Iqiniso leZwi likaNkulunkulu aliguquki, kodwa ukuliqonda kwethu kukhanya ngokwengeziwe njengoba uJehova esebenzisa lamathuluzi namanye ukuze asinikeze ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’—Math. 24:45; IzAga 4:18.
2 Basebenzise Ngokunenzuzo Omagazini: Singabonisa ukubonga kwethu ngokukhanyiselwa okungokomoya esiye sakuthola ngokukhuthaza abantu ngentshiseko ukuba bafunde kokubili INqabayokulinda ne-Phaphama! Abantu abaningi bathola amakhophi angawodwa alabomagazini njalo futhi ngokusobala bayakujabulela ukuwafunda. Kungani singababuzi ukuthi bangathanda yini ukuthola labomagazini njalo ngeposi?
3 Sifuna ukukhuthaza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba benze isikhokhelo se-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Nakuba ngokungangabazeki siyothola eziningi zezikhokhelo zethu endlini ngendlu, asifuni ukubakhohlwa labo esenza nabo ibhizinisi, omakhelwane bethu, nezihlobo. Ingabe izingane zethu zinazo izikhokhelo? Ingabe sesikucabangele ukuthumela isipho sesikhokhelo kothile esimkhathalela ngempela? Kuthiwani ngalabo esiphindela kubo njalo noma ngisho nesifunda nabo iBhayibheli? Uma abantu bengenakukwazi ukukhokhela isikhokhelo sonyaka, sikisela isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha. Lapho umuntu enqaba isipho sesikhokhelo mkhuthaze ukuba abafunde labomagazini ababili. Lokhu kungase kuqalise umzila omusha kamagazini.
4 Phakathi nezikhathi zamuva nje siye saphawula ukwehla ekuhanjisweni komagazini eNingizimu Afrika. Kungani singenzi umzamo okhethekile phakathi no-April wokuhambisa omagazini bethu abahle kubo bonke abantu esihlangana nabo? Amakhophi ngamanye alabomagazini angahanjiswa kwesisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni, nezihlobo. Labomagazini bangahanjiswa futhi kwesivame ukwenza nabo ibhizinisi nasekufakazeni kwasemgwaqweni.
5 Kufanele omagazini abasha benziwe batholakale kubamemezeli ngokushesha nje ngemva kokulethwa kwabo ebandleni. Lapho uthola umagazini omusha, jwayelana kahle nawo. Iziphi izindaba ezibakhathaza kakhulu abantu endaweni yakini? Ukuthula kwezwe nokulondeka? Umnotho? Uhulumeni olungile? Indawo ezungezile? Ngokuphawulekayo, INqabayokulinda iqondisa abantu kokuwukuphela kwekhambi elihlala njalo, uMbuso kaNkulunkulu. (Dan. 2:44; Math. 6:10) Ngempela iyisipho esingenakuqhathaniswa esivela ‘kuMfundisi wethu Omuhle.’—Isaya 30:20, NW.
6 U-April no-May banikeza amathuba amahle kakhulu okunikela isikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini. Njengoba u-May enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, abaningi bayobhalisa njengamaphayona asizayo. Sonke singazibekela imigomo yomuntu siqu manje ukuze sandise inkonzo yethu yasensimini phakathi nalezinyanga ezimbili futhi ngentshiseko sikhuthaze wonke umuntu esihlangana naye ukuba enze isikhokhelo se-Nqabayokulinda ne-Phaphama!