Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ezabelweni zamasonto kaSeptember 7 kuya kuDecember 21, 1992. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Kungcono kakhulu ukuyisho ngekhanda inkulumo ukuze ungaliphathi iphepha elinamaphuzu alotshiwe. [sgZU k. 62 isig. 17]
2. Ukuze uthuthukise isimo sezwi lakho, kuyasiza ukulalela izwi lakho siqu elirekhodiwe. [sgZU k. 63 isig. 3]
3. Akudingeki sisebenzise amasu okungacunuli lapho sikhuluma namalungu omkhaya angakholwa. [sgZU k. 73 isig. 12]
4. Ukusebenzisa imibuzo efuna ukuveza imibono kuwusizo kakhulu ekufinyeleleni inhliziyo yomuntu. [sgZU k. 76 isig. 10]
5. Ngokuhlala emzini wesiphephelo, kumbulali obengahlosile kwakuyogcizeleleka ukungathi sína kwalokho akwenzile kanye nesihe sikaJehova ngokumvumela ukuba abe sendaweni yesiphephelo. (Josh. 20:6) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU73 k. 516.]
6. Njengoba kuchazwe ekulandiseni okukweyabaHluleli 6:37-39, uGideyoni wayeqaphe ngokweqile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU88 4/1 k. 30.]
7. Nakuba uManowa ayengambonanga ngokoqobo uNkulunkulu, waba nomuzwa wokuthi wayembonile ngoba wayebone umkhulumeli kaNkulunkulu oyingelosi owayembethe umzimba wenyama. (AbaHl. 13:22) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU88 5/15 k. 23.]
8. USamuweli namadodana akhe ngokuvamile ababalwa phakathi kwabahluleli abakhonza ngemva kukaJoshuwa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU86 6/1 k. 31.]
9. Nakuba ayengeyena umpristi, uSamuweli wenza kahle ngokunikela imihlatshelo, njengoba kulotshwe kweyoku-1 Samuweli 10:8. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka new71 k. 478.]
10. Ngokunika uDavide izingubo zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe, kanye nebhande lakhe, uJonathani wabonisa ukuzithoba kuDavide kanye nokumqaphela njengogcotshiwe ukuba abe inkosi. (1 Sam. 18:3, 4) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 1/1 k. 24 isig. 4.]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Kungani uJehova ayala ngokufanelekile ukuba kubhujiswe abakhulekeli bakaBali? [siZU k. 47 isig. 7]
12. Iziphi izinzuzo ezimbili zenkulumo engahloswanga? [sgZU k. 59 izig. 5-7]
13. Kungachazwa kanjani ukuba namasu okungacunuli? [sgZU k. 69 isig. 2]
14. Lapho sifundisa othile, kungani kumelwe silwele ukwenza okungaphezu nje kokudlulisela ulwazi? [sgZU k. 75 izig. 7, 8]
15. Ngaphandle kokukhuluma, yini ehilelekile engxoxweni? [sgZU k. 79 isig. 3]
16. Uma ingxoxo yeqembu iyeka ukuba ngeyakhayo, yini thina ngokomuntu siqu esingayenza ngalokho? [sgZU k. 83 isig. 22]
17. Uma kucatshangelwa AbaHluleli 4:4, ingabe uDebora angabhekwa njengomunye wabahluleli bakaIsrayeli wasendulo? Chaza. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 6/1 k. 31.]
18. Kungani uSamsoni aya endaweni yesifebe emzini wamaFilisti waseGaza? (AbaHl. 16:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka new79 2/15 k. 31.]
19. Kungani uJehova ‘azisola ngokuba ebeke uSawule ukuba abe inkosi’? (1 Sam. 15: 10, 11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka negZU77 9/22 k. 24.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
20. Izenzakalo ezingavamile zamandla angaphezu kwawomuntu ezibhalwe kuJoshuwa 10:10-14 ziyizikhumbuzo ezinamandla ․․․․․․․. [siZU k. 45 isig. 23]
21. Ngokuvamile umlomo womuntu kufanele ube amaintshi ․․․․․․․ ukusuka embhobheni. [sgZU k. 68 isig. 19]
22. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, singaba namandla ngokomoya njengoba no․․․․․․․ ayenjalo ngokwenyama, kuphela uma sithandaza kuJehova futhi sincika kuye. [siZU k. 50 isig. 27]
23. Incwadi kaRuthe iqokomisa injongo kaJehova yokuveza ․․․․․․․. [siZU k. 51 isig. 1]
24. Ukulandisa okukwey abaHluleli 19:15 kulandisa ngesimo esingavamile sokwehluleka kwamaIsrayeli ukubonisa ․․․․․․․ owawuwumkhuba. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka new75 k. 359.]
25. Umthetho kaNkulunkulu ․․․․․․․ ngeke ubekelwe eceleni ngezikhathi zesimo esiphuthumayo. (1 Sam. 14:31-34) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU86 9/1 k. 25.]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Ukulotshwa kwencwadi yabaHluleli kwaphela (cishe ngo-1090; cishe ngo-1100; ngo-1078) B.C.E. [siZU k. 46 isig. 3 nebhokisi]
27. (URuthe; uRahabi; uDebora) washiya indawo yakubo ukuze aphishekele ukukhulekela uJehova futhi wazibonakalisa ethembekile, ezithoba, futhi eyisisebenzi sokuzithandela. [siZU k. 52 isig. 9]
28. Ngonyaka (ka-917; ka-1017; ka-1117) B.C.E., kwaba khona ushintsho olukhulu ekuhlelweni kwesizwe sakwaIsrayeli. [siZU k. 53 isig. 1]
29. Abalobi beyoku-1 Samuweli (kwakunguSamuweli; uGadi; uNathani; uDavide; uSawule). [siZU k. 53 isig. 2]
30. Lowo owadumisa amalungu omkhaya wakhe ngaphezu kukaNkulunkulu (kwakunguManowa; kwakunguEli; kwakunguSawule). (1 Sam. 2:29, 30) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU87 12/15 k. 16 isig. 8.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Josh. 22:9-31; AbaHl. 8:23; Ruthe 2:9; 1 Sam. 21:13-15; Efe. 5:3, 4
31. IZwi likaNkulunkulu liyasiqondisa ngokuphathelene nohlobo lwenkulumo okumelwe silugweme ekuphileni kwethu kwansuku zonke. [sgZU k. 56 isig. 9]
32. UJehova akakuvumeli ukwenza abesifazane babe izisulu zokuhlukunyezwa ngokobulili. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU87 3/15 k. 5.]
33. Lapho sibhekene nezinkinga, uJehova ulindela ukuba sisebenzise amakhono ethu engqondo futhi singamane nje silindele yena ukuba asixazululele zona. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU87 4/15 k. 19 isig. 14.]
34. Abantu abangaphelele kufanele bamelane nesilingo sokusebenzisa kabi amandla. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka newZU86 8/15 k. 11 isig. 13.]
35. Ukuqonda kuyosisiza ukuba sigweme ukucabangela izenzo zabanye njengezinezisusa ezimbi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 11/1 k. 23 isig. 10.]