Ingabe Uyohlanganyela Ekufakazeni Ngokwethukela?
1 Isimiso sethu sasikhathi sonke ekuphileni sihlanganisa izikhathi eziqondile zokuxoxa nabantu ngoJehova. Sibekela eceleni isikhathi sokufakaza ngokuhleliwe endlini ngendlu, senze izimpindelo, futhi siqhube izifundo zeBhayibheli. Nokho, kunezinye izikhathi eziningi ezingahleliwe, esingakhuluma ngazo nabantu ngeqiniso. Lokhu kushumayela sikubiza ngokuthi ukufakaza ngokwethukela.
2 Abanye abamemezeli bathola amathuba amaningi okuhileleka kuloluhlobo lwenkonzo. Cabanga ngezindlela zokufakaza ezivakashini, izihlobo, osebenza nabo, ofunda nabo, abantu esihlangana nabo lapho siyothenga, nalabo esihlangana nabo uma sisuka kwenye indlu siya kwenye lapho sisenkonzweni yasensimini. Ingabe uyowasebenzisa ngokunenzuzo lamathuba ukuba unikeze ubufakazi bokwethukela?
3 Lungiselela Kusengaphambili: Ukulungiselela nokukucabangela kusengaphambili kuyosenza sikwazi ukufakaza ngokwethukela ngendlela ephumelelayo. Ngokuphathelene nalokhu, sihlonyiswe kahle ngezincwadi ezihlukahlukene zokusisiza ukuba sikufeze lokhu. Ngaphandle kweNqabayokulinda nePhaphama!, sinamapheshana amaningana aqokomisa izihloko ezenza abantu bacabange zokuvusa isithakazelo. Kunezincwajana ezingangomagazini ezikhangayo kubantu abanezizinda kanye nezinkolo ezihlukahlukene. Sinezincwadi futhi ezingangena ephaketheni ezihlanganisa izihloko ezithakazelisayo manje. Iziphi izincwadi ozizwa kulula ukuzisebenzisa? Kucabangeleni lokhu njengomkhaya. Bese niprakthiza lokho enizokusho lapho kuvela ithuba elifanelekile.
4 Lapho Useholidini: Isikhathi esihle kakhulu sokufakaza ngokwethukela kulapho useholidini. Ingabe uhlela ukuthatha uhambo ngendiza, isitimela, noma ibhasi? Khona-ke phatha iBhayibheli kanye nenye yezincwadi okukhulunywe ngazo ngenhla. Ukufunda lezozincwadi lapho uhamba ngezinto zokuhamba zomphakathi ngokuvamile kuqalisa ingxoxo. Uma uhamba ngemoto, cabanga ngalokho ongakusho lapho uma egalaji noma endaweni yokudlela noma lapho usahleli ehhotela. Ngezikhathi ezinjalo, ungagcina amapheshana ambalwa eseduze ukuze uwanikeze abantu abanesithakazelo. Uma usebhishi noma epaki elihle, mhlawumbe ungaqalisa ukufakaza ngokubuza othile: “Ingabe bekungeke kube kuhle ukuba wonke umhlaba ububukeka ngalendlela?”
5 Ezihlotsheni: Ngokuvamile izihlobo zethu ezingakholwa ziyazi ukuthi singoFakazi BakaJehova. Zingase zifune ukwazi ngezinkolelo zethu noma imisebenzi yethu kodwa zinqikaze ukubuza ngoba zingafuni ‘ukushunyayezwa’ noma ukuhileleka engxoxweni ende. Kungani ungasho okuthile ngeqiniso bese unika isihlobo ithuba lokuqhuba ingxoxo uma sifuna? Noma ungase nje usho indawo owaya kuyo ngomhlangano omkhulu odlule bese uzibonisa enye yezincwadi ezintsha ezakhululwa. Ngokuvamile izihlobo ziyabalalela abasebancane.
6 Ngazo zonke izikhathi sifuna ukuqaphela amathuba esinawo okunikeza ubufakazi bokwethukela. Nokho, khumbula ukubaluleka kokuba nobungane kanye nokubonisa isithakazelo sangempela komunye umuntu. (IzAga 15:23; 1 Pet. 3:15) Lendlela yokushumayela inezithelo, futhi izinceku zikaJehova kufanele zihlanganyele kuyo. Njengoba kwakunjalo ngoJesu, kwangathi uthando lwethu ngabantu esikanye nabo lungasishukumisela ukuba sikhulume ngazo zonke izikhathi ezifanelekile!—Math. 5:14-16.