IZaziso
● Isipho sencwadi sangoJuly nangoAugust: Noma iyiphi incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32, ngaphandle kwethi Isikole ngomnikelo ka-75c. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7,50. Izincwadi ezincane zingu-R3,75. Ngo-October: Isikhokhelo sePhaphama! noma seNqabayokulinda noma zombili ngomnikelo ka-R12,00 sisinye.
● Noma ngubani owenza amalungiselelo okuqalisa inkonzo yobuphayona obuvamile ngoSeptember 1, 1990, kumelwe agcwalise ifomu lesicelo ngokushesha futhi alinikeze abadala ukuze balihlole. Ngemva kokuba lelifomu selamukelwe futhi lasayinwa iKomiti YeNkonzo Yebandla, kufanele lithunyelwe eNhlanganweni ngasekuqaleni kuka-August. Ngokuthumela amafomu esicelo amukelwe kungakephuzi, izicelo zokumiswa sekwedlule isikhathi zingagwenywa.—Bheka isenezelo seNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986, izigaba 21-26.
● Amabandla ayakhunjuzwa uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-1991. Lamafomu akumelwe asaphazwe. Kumelwe asetshenziselwe injongo yawo kuphela.
● Amabheji omhlangano wesigodi ka-1990 kumelwe a-odwe futhi imali yawo iyovela kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-5c ibheji ngalinye. Amabandla angenayo i-akhawunti noma anesikweleti kumelwe athumele ukheshe kanye ne-oda. Sizani ni-ode ngamashumi amabili lapho kunokwenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, nangesiZulu. Sizani nifake i-oda lenu ngaphandle kokulibala.
● Kusukela ngoSeptember, ababonisi besifunda bazonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Phila Ngokuhluzeka Kwengqondo Ezweni Elonakele.”
● Njengoba kunenani elilinganiselwe labadala eNamibia, abadala abangase bakwazi ukuhlela izimo zabo bayamenywa ukuba babe khona eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” eWindhoek. Kulomhlangano, kuhlelwa isimiso sesiPutukezi futhi abadala abakhuluma isiPutukezi bayamenywa ukuba babe khona. Simema futhi abadala abakhuluma isiPutukezi ukuba bacabangele futhi ukuba khona emhlanganweni wesigodi waseMaputo, eMozambique, oyoqhutshwa kusukela ngoDecember 29 kuya kuJanuary 1, 1991. Njengoba ezinye izinkulumo ziyonikezwa ngesiNgisi emhlanganweni wesigodi eGaborone, eBotswana, simema abadala abakhuluma isiNgisi ukuba bacabangele ukuba khona kulomhlangano. Uma ukwazi ukuba khona kunoma yimuphi walemihlangano ephawulwe ngenhla, siza ubhalele iNhlangano ngokushesha ngangokunokwenzeka.
● Simema abadala abakhuluma isiVenda nesiTsonga abangahlali eMpumalanga Transvaal ukuba babe khona emhlanganweni wesigodi eNkowankowa, ngoDecember 13-16, 1990. Noma yibaphi abakwaziyo ukwenza kanjalo kumelwe babhalele iNhlangano ngaphandle kokulibala.