Izaziso
● Isipho sencwadi sangoJune: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R3,75. NgoJuly nangoAugust: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32, ngaphandle kwethi Isikole ngomnikelo ka-75c. NgoSeptember: Ungaphila Phakade Epharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7.50. Izincwadi ezincane zingu-R3,75.
● Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo June 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.
● Isaziso kubabonisi abengamele: Siyanimema ukuba nithumele noma yikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele ibandla lenu eliye laba nakho phakathi nonyaka, kuhlanganise nokuhlangenwe nakho kwenkonzo yobuphayona obusizayo nokwangosuku lukamagazini, ngoApril 7, 1990. Sifuna ukukhetha okungcono okuvela ensimini yethu ukuze kufakwe embikweni wonyaka. Sizani nikuthumele ngaphambi komhlaka July 1,1990.
● Amaphayona avamile nasizayo ayamenywa ukuba enze umzamo wokuzikhandla futhi asebenze emasimini akude phakathi nomkhankaso wensimu engabelwe. Uma engakha amaqembu ezimoto, kufanele abhalele iNhlangano ayinikeze imininingwane. iKomiti Yenkonzo kufanele igunyaze isicelo sawo.
● Amabandla manje asengayi-oda imiqulu yeNqabayokulinda enyatheliswe kabusha yeminyaka ka-1978 no-1979.
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Jehovah’s Judgment Against Law—Defying People—Idrama (ikhasethi elilodwa; ibandla neningi: R6,50; amaphayona: R5.75)—ngesiNgisi
IziNgoma ZoMbuso No. 2 (ibandla neningi: R6.50; amaphayona: R5.75)—ngesiXhosa
● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:
Paradise Restored to Mankind—By Theocracy!—ngesiNgisi
Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!—ngesiGreki
“Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”—ngesiShayina
UHulumeni Oyoletha IPharadesi—ngesiShayina