Izaziso
● Isipho sencwadi ngoApril nangoMay:
Isikhokhelo seNqabayokulinda. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R12,00. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kanye ngenyanga nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha zomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R6,00. Lapho isikhokhelo singatholakali khona, kungahanjiswa omagazini ababili nanoma iyiphi incwajana engangomagazini ngaphandle kwethi Isikole, ngomnikelo ka-R1,95. NgoJune: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R3,75. NgoJuly nangoAugust: Noma iyiphi incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32, ngaphandle kwethi Isikole, ngomnikelo ka-75c.
● Lapho kungenzeka khona, abadala kumelwe benze amalungiselelo okuba amabandla ahlanganyele ekufakazeni kwakusihlwa.
● Ukwaziswa okusemakhasini 142-5 encwadi ethi Ukubonisana kungaba usizo ekumemeni abantu ukuba beze eSikhumbuzweni. Nokho, ukuze uthole ukwaziswa kwamuva ngoJohane 6:53, 54, bheka INqabayokulinda kaFebruary 15, 1986, amakhasi 19, 30, 31.
● Kusukela ngesonto likaJune 18, 1990, kuqhubeke kuze kuyofika esontweni likaSeptember 17, incwajana engangomagazini ethi Ingabe Kufanele UkholeIwe KuZiqu-zintathu? izofundwa eSifundweni Sencwadi Sebandla. Imibuzo eyosetshenziswa kulesifundo iyokhishwa njengesenezelo kuNkonzo Yethu YoMbuso kaJune 1990. Lokhu kucatshangelwa okuningiliziwe kwalencwajana ethi UZiqu-zintathu kuyodinga ukulungiselela kahle ngasengxenyeni yomqhubi wesifundo sencwadi kanye nabo bonke abakhona. Ukuba khona masonto onke eSifundweni Sencwadi Sebandla kuyosisiza ekusihlomiseleni ukuba lencwajana siyisebenzise ngokuphumelela ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini.
IMIHLANGANO YESIGODI YANGO-1990: Kwenziwe amalungiselelo angakaqinisekiswa omhlangano wesigodi othatha izinsuku ezine ngendlela elandelayo:
November 15-18: ESt. Helena
December 6-9: EGaborone, eWindhoek
December 13-16: EBIoemfontein, eMafikeng, kwaManzini, eNkowa-nkowa
December 20-23: EGoli, eKapa, eLebowa Kgomo, eMaseru, eMdantsane, eThekwini
December 27-30: EMadadeni, eNsikazi (White River), ePitoli, ePort Elizabeth
January 3-6, 1991: EMtata
● Amabandla manje anga-oda imiqulu enyatheliswe kabusha yeNqabayokulinda yonyaka ka-1975 kuya ku-1977. Sizani ningafaki ama-oda eminyaka engemva kuka-1977 kuze kube yilapho sekumenyezelwe ukuthi ikhona kuNkonzo Yethu YoMbuso.
● INhlangano isenezincwadi ezasala emhlanganweni zethi: Intsha Iyabuza ngezilimi ezihlukahlukene, ekhasini 2 zinesigijimi esikhethekile esiqondiswe entsheni. Lezincwadi zizosetshenziswa kuqala ekugcwaliseni ama-oda amabandla, futhi zingahanjiswa ensimini.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo: Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise—ngesiRashiya
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Ukulalela UMfundisi oMkhulu (isethi yamakhasethi ayisihlanu kanye nencwadi ekualbhamu; ibandla neningi: R34,00; amaphayona: R28,50)—ngesiNtaliyane
● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:
Happiness—How to Find It—ngesiBhunu
Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise—ngeSipedi