IBhokisi Lemibuzo
● Ingabe kufanelekile ngomzalwane ukuba aqhube inkonzo yomngcwabo womuntu wezwe oyisigebengu esaziwayo?
Ngezikhathi ezithile kuyaye kuphakame imibuzo ngokuphathelene nokuqhuba umngcwabo lapho oshonile, njengalapho isihlobo esingakholwa somunye woFakazi BakaJehova, siye sahlanganyela kancane noma sangahlanganyela nhlobo noFakazi BakaJehova. Umbono olinganiselwe wokuqhuba inkonzo yomngcwabo womuntu onjalo unikezwe KuNqabayokulinda kaDecember 1, 1977, amakhasi 545-6.
Uma sicelwa ukuba siqhube umngcwabo womuntu nasezweni obhekwa njengomenzi wobubi owaziwayo, kufanele senqabe ngoba kuyohlambalaza uJehova nenhlangano yakhe.—IzAga 18:3.
Kuthiwani ngomuntu ongazinikezele oye wahlanganyela ebubini esikhathini esidlule? Kunomehluko phakathi komuntu oqhubeka ephila ukuphila kokwenza okubi kanye nomuntu owayephila ukuphila okungacocekile esikhathini esidlule kodwa owaguqulwa ngokomoya futhi obenza umzamo wokwembatha ubuntu obusha. (Roma 12:2; Efe. 4:17, 20-24) Kungenzeka lowomuntu ubengakabi umKristu ozinikezele nobhapathiziwe obehamba ngobuqotho futhi oye wahlanzwa. (1 Kor. 6: 9-11; IsAm. 7:9, 10) Kodwa kungenzeka ubethatha izinyathelo zokuguqula ukuphila kwakhe, futhi lokhu kungacatshangelwa uma kwenziwa isicelo sokusingatha umngcwabo. Uma abadala benomuzwa wokuthi ngeke kuphazamise ukuthula nokuzwana kwebandla noma kulethe isihlamba kubantu bakaNkulunkulu, ngeke kubhekwe kabi ukunikeza komdala inkulumo uma unembeza wakhe umvumela ukuba enze kanjalo. 1 Kor. 10:23, 24, 29, 32, 33.