IZaziso
● Isipho sencwadi ngoNovember: Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise nethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” ngomnikelo ka-R3,25. NgoDecember: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50. NgoJanuary nangoFebruary: Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,50.
● Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke 1990: Bamemezeli namaphayona, sizani ni-ode izincwajana zenu ezithi Ukuhlola ImiBhalo ngebandla. Amabandla kumelwe aqale manje ukuqoqa ama-oda alezincwajana. Khona-ke ngoNovember 1, 1989, noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho, thumelani leli-oda eNhlanganweni, nisebenzisa ifomu elivamile i“Literature Order” (S-14). Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ezingezinye izilimi kumelwe zihlelwe ngaphansi kohlu oluthi “Other Language Publications,” kuboniswa inani lolimi ngalunye ngokwehlukile kanye nonyaka ka-1990. Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyotholakala ngesiBhunu, isiDashi, isiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiGreki, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, nesiZulu. Lezincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyobhalwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Kusazothunyelwa” kuze kube yilapho sezitholakele futhi zathunyelwa. Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-80c iyinye, okuyinani labamemezeli. Amaphayona avamile nakhethekile aba sohlwini ngaphambi kukaJuly 1, 1989, angathola eyodwa mahhala futhi athole ezinye ngo-50c iyinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi, kufanele athumele i-oda lawo nemali. Amakhophi amahhala anikezwe amaphayona kumelwe abhalwe ngokwehlukile efomini lokuthumela imali lazinyanga zonke (S-20).
● Amabandla kumelwe asize akhumbule ukugcwalisa umbiko wawo womsebenzi wensimu engabelwe ekupheleni kuka-October futhi awuthumele ukuba ufike kithi kungakadluli uNovember 15. Sizani nihlanganise nanoma yikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo.
● Njengoba umhlangano kulonyaka uyoba ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo, nangeSonto (eminye ngoMgqibelo, ngeSonto, nangoMsombuluko), iSifundo Sencwadi Sebandla esivamile siyoqhutshwa phakathi nesonto lomhlangano.
● Sithanda ukwazisa wonke amaphayona avamile ukuthi awekho amalungiselelo enziwe eSikole Senkonzo Samaphayona kulonyaka. Ngokushesha lapho sesinezincwadi ezintsha zeSikole Senkonzo Samaphayona, niyokwaziswa umbonisi wesifunda ngamalungiselelo okuya esikoleni. Okwamanje, qhubekani nisebenza ngenkuthalo ezabelweni zenu, ngaleyondlela nifanelekele ilungelo lokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona.
● SIZANI NIPHAWULE: Ekhasini 258, lencwadi yesiZulu ethi Ukubonisana, awukho umusho wokuqala wesigaba sokuqala. Sizani nibhale lokhu okulandelayo phezulu ekhasini 258: ‘IsAmbulo 12:7-12 sithi uMikayeli nezingelosi zakhe bayoku-.’ Sizolilungisa leliphutha lapho lencwadi inyatheliswa futhi esikhathini esizayo.
● Amabandla manje asenga-oda itekisi lonyaka ka-1990, elizotholakala ngomnikelo ka-R12,00 lilinye ngezilimi ezilandelayo: isiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Imali yalo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kumelwe athumele i-oda lawo nokheshe.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakayo: UHulumeni Oyoletha IPharadesi (Incwajana engangomagazini)—ngesiHerero
● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:
Jehovah’s Witnesses and the Question of Blood–ngesiNgisi