Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/89 kk. 11-12
  • Yini Eza Kuqala Kuwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eza Kuqala Kuwe?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 10/89 kk. 11-12

Yini Eza Kuqala Kuwe?

1 Enye incazelo yenkulumo ethi “okuza kuqala,” isho “igunya lokwenza noma lokuthola okuthile ngaphambi kokunye.” Njengoba siphila ezinsukwini zokugcina zalesimiso sezinto, kubalulekile ngamaKristu ukuba anakekele ukuthi yini eza kuqala kuwo ukuze angaphazanyiswa izindaba ezingabalulekile. UKristu Jesu wakusho lokhu ngokucace kakhulu lapho ethi: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Math. 6:33) Ngakho-ke yini okufanele ize kuqala kithi? UMbuso kaNkulunkulu nezithakazelo zawo! Yebo, yizinto ezingokomoya, hhayi izinto ezibonakalayo, umKristu okufanele alwele ukuzibeka kuqala ekuphileni kwakhe.—Math. 5:3.

2 Singabonisa kanjani thina ngabanye ukuthi izinto ezingokomoya zithola indawo yokuqala kithi? Enye indlela iwukuba nombono oqondile ngemikhakha ehlukahlukene yenkonzo yesikhathi esigcwele, nangalabo abazinikele ukuba bahlanganyele enkonzweni enjalo. Imikhaya ikhuthazwa ukuba amalungu ayo amaningi ngangokunokwenzeka, noma elilodwa okungenani, abe komunye umkhakha wenkonzo yesikhathi esigcwele. (Bheka i-wZU75 9/15, k. 428, izig. 12, 13; wZU82 8/15 k. 22, isig. 11, k. 26.) Ngalendlela, nakuba kungenakuba yibo bonke emkhayeni abangaba senkonzweni yesikhathi esigcwele, bayobe babonisa ukuthi izinto ezingokomoya ziza kuqala ekuphileni kwabo ngokusekela amalungu omkhaya angaba senkonzweni yesikhathi esigcwele. Kuyoba sobala ukuthi bazihlelile izinto eziza kuqala kubo. Imikhaya enjalo ijabulela izibusiso eziningi njengoba kunjalo nangelungu elisenkonzweni yesikhathi esigcwele.

3 Lapho kuphakama izimo ezingazelelwe emkhayeni, noma abazali asebekhulile bedinga ukunakekelwa, amalungu omkhaya ngokuvamile alindela ukuba labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele banakekele imithwalo yemfanelo enjalo. Ngokwesibonelo, eBethel ezikhathini eziningi abazalwane abebenza umsebenzi obalulekile woMbuso baye babizwa ngamanye amalungu emikhaya yabo ukuba bazonakekela imithwalo yemfanelo enjalo. Ngezinye izikhathi, kuyiqiniso ukuthi abekho abanye abangakwenza lokhu, bese kuthi labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bashiye amalungelo abo ukuze banakekele imithwalo yemfanelo enjalo engokomBhalo. Ngakolunye uhlangothi, uma kukhona amalungu omkhaya angekho emkhakheni wenkonzo yesikhathi esigcwele futhi engase akwazi ukunakekela imithwalo yemfanelo enjalo, ingabe akufanele yini kube isifiso sawo ukwenza kanjalo ukuze avumele labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele ukuba baqhubeke bekhonza izithakazelo zoMbuso kaJehova ngalendlela? (Bheka i-wZU87 6/1, kk. 15, 16.) Ingabe lokhu akunakubonisa umbono oqondile ngezinto eziza kuqala?

4 Nabazali kufanele baqikelele ukuba bangayisaphazi imali yabo bese beba umthwalo ongadingekile kubantwana babo. (IzAga 13:22) Kangangokunokwenzeka, abazali kufanele basihlelele kusengaphambili isikhathi sokuguga, babeke eceleni imali futhi benze amalungiselelo athile okuzinakekela. (IzAga 21:5) Ukuba nesimo sengqondo esiqondile kubalulekile. Abazali bafuna ukugwema ukuba abangacabangeli nabafuna okwengeziwe, bekhumbula isiyalo seBhayibheli esithi: “Akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.”—2 Kor. 12:14.

5 Ngesikhathi esifanayo, sonke kufanele siqaphele ukuthi, lapho imithwalo yemfanelo engokomBhalo iza kithi, kungadingeka ukuba sidele amalungelo athile ukuze sinakekele imithwalo yemfanelo enjalo. (1 Thim. 5:4) Ukuhlala sikhumbuia izimiso ezingokomBhalo ezingenhla, kungasisiza sonke ukuba sizihlole futhi siqiniseke ukuthi sinesimo sengqondo esiqondile ngamazwi kaJesu akuMathewu 6:33. Uma kunjalo, zonke ezinye izinto ziyokwenezelwa kithi njengoba iNdodana kaNkulunkulu yathembisa. Gcina izinto eziza kuqala ekuphileni kwakho zihleleke kahle ngokuqiniseka ukuthi izinto ezingokomoya ngaso sonke isikhathi ziza kuqala ekuphileni kwakho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela