Izindaba Ezingokwasezulwini
♦ Phakathi nomkhankaso walonyaka wensimu engabelwe, amaphayona akhethekile esikhashana angama-92 aye abelwa ezindaweni ezingenakufinyelelwa ngamabandla, lapho kuhlala khona izinkulungwane zabantu. Kusukela ekuqaleni nje komkhankaso abaningi baye baphelelwa izincwadi futhi benza ama-oda engeziwe ngocingo. Mkhulu umsebenzi ofezwa yilamaphayona ashisekayo.
♦ OFakazi BakaJehova baqashelwa rcgokomthetho ePoland ngoMay 18 naseHungary ngoJune 27.
♦ IMexico ibe nenani eliphakeme lama-67 lamanani alandelanayo abamemezeli, abayizi-274 599, ukwanda ngamaphesenti ayi-16. Ibe nenani eliphakeme lezifundo zeBhayibheli eziyizi-425 328 ngoMay.
♦ ISpain ibe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-77 828 ngoMay, ukwanda ngamaphesenti ayi-9. Leli inani labo eliphakeme lesishiyagalombili kulonyaka wenkonzo.
♦ ISwitzerland ibe nenani eliphakeme labamemezeli abayizi-15 897 ngoMay.
♦ IZambia ibe nenani ei-iphekeme labamemezeli abayizi-70 700 ngoMay, ukwanda ngamaphesenti ayi-9. Izifundo zeBhayibheli zanda zafinyelela ezi-97 734.