Indlela Yokubheka Amakhasethi Angewona AweNhlangano
INhlangano inikeza inala yokudla okungokomoya kusesimweni samakhasethi aqoshiwe kusukela kwethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli kuya komagazini bamuva beNqabayokulinda. Kodwa kumelwe siqaphe ngokuphathelene namakhasethi angasese. Ngenxa yokuthi singabazalwane abathembanayo ngezinye izikhathi siyaye samukele kalula futhi silalele amakhasethi avela komunye nomunye ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi avelaphi. Uma uqiniseka ngokuthi ubani owanikeza inkulumo, njengelungu leNdikimba Ebusayo noma omunye umzalwane othembekile omaziyo, ngokungangabazeki leyokhasethi iyokwakha.
Kodwa, ngezinye izikhathi kusakazwa amakhasethi anezinkulumo okuthiwa zanikezwa umbonisi wesifunda noma umzalwane ovuthiwe waphesheya anezinto ezicishe zibe ukucabangela noma ukweqisa. Khona-ke ngeke yini kube ukuhlakanipha ukulandela iseluleko sikaPawulu esikweyesi-2 Thimothewu 3:14? Lapho, uPawulu, ngemva kokuxwayisa ngabakhohlisi, wagcizelela ukubaluleka ‘kokwazi’ abantu esibalalelayo. Sidinga ukuqiniseka ukuthi asilaleli noma yini ‘eyeqisa kokulotshiweyo’ emiBhalweni eNgcwele nasekudleni okungokomoya okulungiselelwa inceku ethembekileyo neqondayo.—1 Kor. 4:6.
Kuye kwabikwa futhi ukuthi kukhangiswa amakhasethi “anezingoma zeBhayibheli” afundisa izingane iBhayibheli. Lamakhasethi kuthiwa avela kubazalwane futhi abesakazwa emabandleni athile. Nakuba isisusa kungabonakala sisihle, ngeke yini kufane nokusebenzisa ukuhlobana kwethu eqinisweni ukuze sithole inzuzo ngabazalwane bethu? Inhlangano kaJehova inikeza okungaphezu kokwanele kokuqeqesha abantwana bethu, ngakho-ke, asikutusi ukusakazwa kwamakhasethi anjalo. Kwangathi singakusebenzisa ngokugcwele konke lokho uJehova aye wakulungiselela ukuze kusikhuthaze futhi kusakhe ngokomoya.—Math. 24:45-47.