Ukuma Siqinile Njengomhlambi Owodwa
1 Usuku lomhlangano okhethekile lonyaka wenkonzo ka-1990 luyoba nesihloko esithi “Ukuma Siqinile Njengomhlambi Owodwa.” Lesihloko sisekelwe kwabaseFilipi 1:27. Isimiso sasekuseni siyohlanganisa ukwaziswa ngesidingo sokuma siqinile, amalungiselelo okusisiza ukuba sime siqinile, izibonelo zokuma siqinile, kanye nendlela esingamelana ngayo namathonya onakalisayo. Kuyoba namalungiselelo obhapathizo ekupheleni kwesimiso sasekuseni. Noma yibaphi abahlongoza ukubhapathizwa kumelwe bazise umbonisi owengamele kusengaphambili ukuze kwenziwe amalungiselelo okubukeza imibuzo esencwadini Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.
2 Ntambama kuyoba nokubukezwa kweNqabayokulinda okuyolandelwa isikhuthazo sokuba abanesimo sengqondo esiqondile enkonzweni, iseluleko ngokusiza abanye enkonzweni, kanye neseluleko esiwusizo sokusisiza ukuba sime siqinile emoyeni munye. Manje ngaphezu kwazo zonke izikhathi, kuyadingeka ukuba sime siqinile njengomhlambi owodwa phambi kukaJehova. Ukumelela kwethu ngobunye ukukhulekela kweqiniso kusivikela emandleni ahlukanisayo adlangile ezweni likaSathane, futhi kusibeka esimweni esiqinile sokusiza abanye ukuba bahlanganyele nathi ekukhulekeleni kweqiniso.
3 Lesimiso siyoba ngesakhayo ngokomoya, futhi sonke siyofuna ukwenza amalungiselelo okuba khona ngalo lonke usuku. Umbonisi wenu wesifunda uyonazisa ukuthi niyoba naso nini isimiso sosuku lomhlangano okhethekile, uma engakakwenzi lokho.