Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/89 k. 4
  • Kudingeka Izisebenzi Ezengeziwe EBethel!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kudingeka Izisebenzi Ezengeziwe EBethel!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 7/89 k. 4

Kudingeka Izisebenzi Ezengeziwe EBethel!

1 Kuyajabulisa ukubona ukuqhubekela phambili komsebenzi kaJehova. Ukusakazwa komagazini kuye kwanda kangangokuthi ezikhathini zamuva kuye kwadingeka ukuba sisebenze nasebusuku emshinini wethu omkhulu wokunyathelisa. Manje sinyathelisa omagazini abahlukahlukene abangama-25 beNqabayokulinda nabayi-10 bePhaphama! inyanga ngayinye. Ngaphezu kwalokho, manje sinyathelisa izinhlelo eziyi-9 ezihlukahlukene zeNkonzo Yethu YoMbuso.

2 Ukuze silungiselele izincwadi nomagazini ngazo zonke izilimi ezihlukahlukene eziphuma ngesikhathi esifanayo nesiNgisi, kuye kwadingeka ukuba siwandise kakhulu uMnyango wethu Wokuhumusha. Phakathi nezinyanga eziyisikhombisa ezidlule besisebenza ngezincwadi zezilimi ezihlukahlukene ezingama-28. Lokhu kuye kwenza kwadingeka ukuba sandise izisebenzi zethu ezihumushayo zifinyelele cishe kwezingama-70, ezingama-60 zazo zikhonza eBethel, kuyilapho ezinye zikhonza njengabahumushi abahlala ngaphandle.

3 Sinalokhu kwanda emananini, umkhaya wethu waseBethel manje unabafowethu nodadewethu abangama-345. Lokhu kucishe kusiphinde kabili isibalo somkhaya waseBethel esasinawo e-Elandsfontein eminyakeni embalwa edlule. Kodwa lokhu kwanda kwakudingekile ukuze kubhekwane nokwanda komsebenzi woMbuso. Sasithemba ukubiza abazalwane abangashadile abengeziwe ngenxa yokuthi umsebenzi omkhulu ubafanela kangcono abazalwane kunodade. Njengoba singakwazanga ukuthola abazalwane abanele abangashadile ukuze bagcwalise izikhala, kuye kwadingeka ukuba sibize nemibhangqwana eyengeziwe eshadile nodade abangashadile. Kusobala ukuthi sizodinga abanye abazalwane abaningi abengeziwe ukuze basisize esikhathini esizayo.

4 Uma ungumzalwane ongashadile, ingabe ungazenza utholakale? Sizizwa siqiniseka ngokuthi besiyoba nabazalwane abangashadile abangaphezu kwabenele uma bekungekhona ukuthi abazalwane bethu abasebasha abangaphezu kwama-800 badonsa izigwebo zeminyaka eyisithupha ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi. Abaningi balaba bazoziqeda izigwebo zabo ngokushesha futhi abaningana baye bazwakalisa isifiso sabo sokufaka izicelo zenkonzo yaseBethel.

5 Kuyacaca ngokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli ukuthi izenzakalo zezwe ziya esiphelweni salesimiso sezinto esidala. Izwe elidala alisenawo umsebenzi onekusasa elingawunika noma ubani. Kodwa uJehova unawo. Ngakho, uma ungumzalwane ongashadile, ingabe ungasabela njengoIsaya owathi: “Nangu mina; ngithume mina”? (Isaya 6:8) Alikho ilungelo elikhulu elinganikezwa noma iyiphi insizwa manje ngaphambi nje kokuba izwe elibi liphele kunokukhonza uJehova ngomphefumulo wonke eBethel. Uma ungasabela obizweni lokuza eBethel, bhalela iNhlangano ucele ifomu lesicelo sokuza eBethel manje.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela