Izaziso
● Isipho sencwadi sikaJuly noAugust: Enye yezincwajana ezilandelayo ezilingana nomagazini ngomnikelo ka-60c: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” noma IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R6,00. Izincwadi ezincane zingu-R3,00. Ngo-October: Isikhokhelo sePhaphama! noma seNqabayokulinda noma zombili.
● Noma ubani owenza amalungiselelo okuqalisa inkonzo yobuphayona obuvamile ngoSeptember 1, 1989, kufanele agcwalise iphepha lesicelo ngokushesha futhi aliyise kwabadala ukuba balihlole. Ngemva kokuba isicelo sesivunyiwe futhi sasayinwa iKomiti Yenkonzo Yebandla, kufanele sithunyelwe eNhlanganweni ekuqaleni kuka-August. Ngokuzithumela ngokushesha izicelo ezivunyiwe, izicelo zokumiswa kwamaphayona aseqalile zingagwenywa.—Bheka isenezelo esikuNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986, izigaba 21-26.
● Kusukela ngoSeptember, ababonisi bezifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Indlela Yokunqoba Okubi Ngokuhle.”
● IMIHLANGANO YESIGODI: Siyajabula ukuninikeza izinsuku, amadolobha nezifunda ezabelwe iMihlangano yethu Yesigodi ‘Yokuzinikela KuNkulunkulu’ ka-1989.
December 1-3: ESt. Helena.
December 8-10: EWindhoek, Izifunda Namibia 1A, B.
December 15-17: EBIoemfontein, Izifunda 7A, 14A, B, 21A, B, 41A, B. EKapa, Izifunda 6A, B, C, D, 10A, B, C, D, 38A, B, 48A, B, C. EGoli, Izifunda 1A, B, C, 2A, B, C, D, 7B, 11,12, 13, 49A, B. EMafikeng, Izifunda 14A, B, 39A, B, 47A, B. KaManzini, Izifunda Swaz. 1, 2. ENkowankowa, Izifunda 17, 18, 19, 20 (izingxenye zesiTsonga nesiVenda).
December 24-26: EThekwini, Izifunda 4A, B, C, 8A, B, C, 24, 25, 26, 28, 29, 30, 31, (ingxenye yesiZulu), 45 (Iningizimu), 51A, B. EGaborone, Izifunda Bots. 1A, B. EMaseru, Izifunda Les. 1, 2. EMdantsane, Izifunda 34A, 36A, B, 37A, B.
December 30-January 1: KaNyamazane, Izifunda 18, 19, 20 (izingxenye zesiZulu). EMadadeni, Izifunda 22 (Iningizimu), 23, 27, 42, 45 (Inyakatho). EPort Elizabeth, Izifunda 5A, B, C, 9A, B. EPitoli, Izifunda 3A, B, C, 7C, 15A, B, 16A, B, 17 (ingxenye yeSipedi), 19A, B (ingxenye yeSipedi), 40A, B, C, 46A, B, 50A, B. EMtata, Izifunda 31 (ingxenye yesiXhosa), 32, 33, 34B, 35, 43, 44.
● Amakhadi amabheji omhlangano wesigodi ka-1989 kufanele a-odwe, imali yawo iyothathwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-5c ikhadi ngalinye. Atholakala ngesiBhunu, ngesiNgisi, ngesiSuthu, ngesiXhosa nangesiZulu. Amabandla anezikweleti kuma-akhawunti awo ezincwadi kufanele athumele imali kanye nama-oda awo.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso—ngesiHeberu
● IAlbhamu ephathekayo, engenalutho yokugcina amakhasethi ayisishiyagalombili manje isiyatholakala ukuze ulondoloze amakhasethi akho ama-Kingdom Melodies.
IAlbhamu yamaKingdom Melodies (engenawo amakhasethi) (ibandla neningi: R15,00; amaphayona: R12,00)