Izaziso
● Isipho sencwadi sikaJune: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,00. NgoJuly nangoAugust: Eyodwa yezincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ngomnikelo ka-60c: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” noma IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R6,00. Izincwadi ezincane zingu-R3,00.
● Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale ama-akhawunti ebandla ngoJune 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.
● Amabandla akhunjuzwa ukuthi kufanele a-ode amakhophi amahhala eYearbook nencwajana Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke zamaphayona asemabandleni abo, hhayi ezamaphayona asemabandleni angomakhelwane. Uma ibandla linesikweleti ku-akhawunti yalo yezincwadi, izincwadi ezinjalo zamahhala zisenga-odelwa amaphayona awo.
● Amabandla abuyisela amarekhodi noma amakhasethi anamaphutha eNhlanganweni akhuthazwa ukuba asho ngokuqondile ukuthi yini eyonakele ngawo, njengoba kuchithwa isikhathi kufunwa amaphutha kumarekhodi nakumatape.
● IsiKhwama Sezimali Zokuhamba Kwezithunywa Zevangeli sesivaliwe manje. Siyabonga ngokusekela kwenu. Iminikelo eya eNhlanganweni kufanele iphawulwe ukuthi ngeyomsebenzi woMbuso.
● Kubabonisi abengamele: Sinimema ukuba nithumele noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele ibandla lenu eliye laba nakho phakathi nonyaka. Sifuna ukukhetha okungcono kakhulu ensimini yethu ukuze kufakwe embikweni wonyaka. Sizani niyithumele kungakadluli uJuly 1, 1989.
● Amaphayona avamile nasizayo amenywa ukuba enze umzamo wokuba azikhandle futhi asebenze emasimini akude phakathi nomkankaso wensimu engabelwe. Uma engenza amaqembu ezimoto, kufanele abhalele iNhlangano anikeze imininingwane. IKomiti Yenkonzo kufanele igunyaze isicelo sawo.
● IMIHLANGANO YESIGODI: December 15-17: Kuyoba nomunye umhlangano eGoli. Umhlangano wesiTswana manje usuzoqhutshelwa eMafikeng. December 24-26: Umhlangano weSipedi manje usuzoba sePitoli ngempela-sonto elandelayo. December 30–January 1: Umhlangano wasePitoli uyohlanganisa izimiso zesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu/isiZulu, neSipedi.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Watch Tower Publications Index 1950-1985—ngesiGreki
“Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” (Incwajana engangomagazini)—ngesiKwangali
● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli (iqoqo lamakhasethi amane; ibandla neningi: R22,00; amaphayona: R17,00)—ngesiNgisi
● Ezingeke Ziphinde Zibe Khona Esitokweni ENingizimu Afrika:
Happiness—How to Find It—ngesiBhunu