Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/89 kk. 1-4
  • Ingabe Uyakwenza Okufundile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakwenza Okufundile?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 5/89 kk. 1-4

Ingabe Uyakwenza Okufundile?

1 Yeka injabulo okwakuyiyo ukuba khona phakathi nazo zonke izinsuku ezine zoMhlangano wethu Wesigodi “Wokulunga Kwaphezulu”! Ngempela, usuku ngalunye isimiso sasichichima isikhuthazo nokusikisela okuwusizo ngendlela esingabonisa ngayo ukulunga kukaNkulunkulu ngezinga eliphakeme. Njengoba senibuyele emakhaya endleleni evamile yemisebenzi, ingabe ‘niyakwenza enakufunda, nakuzwa, futhi nakubona emibonisweni’? (Fil. 4:9) Kuyoba okuzuzisayo ukubukeza amanye amaphuzu asemqoka avela esimisweni somhlangano.

2 Khumbula inkulumo ethi “Phila Ukuphila Okulinganiselwe Nokulula” eyanikezwa ngoLwesine ntambama. Lenkulumo yayisekelwe eselulekweni sikaJesu esikuMathewu 6:19-33. Ingabe uye wacabanga ngokujulile ngalokho ongakwenza ukuze uzethule umthwalo wezinto ezingadingekile, uvumela isikhathi esengeziwe sokutadisha, ukulungiselela imihlangano, nokusiza abanye? Ikuphi ukulungisa wena ngokwakho ongakwenza ukuze uphile ukuphila okulula ungenaziphazamiso eziningi futhi uhileleke ngokwengeziwe ezindabeni ezingokomoya? Ukufuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe kunciphisa ukukhathazeka futhi kwandise injabulo yethu ekuphileni.

3 Isidingo sokuzuza kukho konke ukuqeqeshwa okulungiselelwa uJehova ngeZwi nangenhlangano yakhe kwagcizelelwa engxenyeni ethi “Yamukela Isiyalo Uhlakaniphe.” Esinye isici abanye abangase badinge ukusinakekela ngokukhethekile ukucola nokuthuthukisa inkonzo yabo. Ingabe sisisebenzisa njalo iSihloko Sengxoxo esisikiselwe, sihilela umninikhaya engxoxweni yeBhayibheli? Noma sanelisekile ngezintshumayelo ezimfushane zokuhambisa omagazini? Ingabe siyasisebenzisa iseluleko nokusikisela kokuba sisebenzise incwadi ethi Ukubonisana, silandelele isithakazelo, futhi siqhube izifundo zeBhayibheli?—IzAga 8:33.

4 Isimiso sangoLwesihlanu sahlanganisa nenkulumo ethi “Yibani Ngabahlanzekile Engqondweni Nasemzimbeni.” Ukulunga kwaphezulu kudinga ukuba abantu bakaNkulunkulu bahlanzeke ngokomoya, ngokokuziphatha, ngokwengqondo, nangokomzimba. (2 Kor. 7:1) Ingabe ‘uyakwenza owakufunda’ kulendaba ebalulekile? Kanjani? Siyozigcina sihlanzekile ngokomoya ngokuhlala sihlukile ezinkolweni zalelizwe ezingahlanzekile nasezihlubukini. Ukuqeqesha ingqondo kudingekile uma sifuna ukugwema imikhuba yokucabanga engcolile noma ukucabanga ngezifiso zobulili ezingalungile, eziholela ekungcoleni kwengqondo nokokuziphatha. (Jobe 31:1, 9-11) Ingabe usuzithathile izinyathelo ezinqala ukuze ugweme amabhayisikobho, izinhlelo zeTV, noma izincwadi ezingaba nethonya elonakalisayo kuwe noma kulabo bomkhaya wakho? Kwaboniswa futhi nokuthi abanye baye bayidebeselela inhlanzeko yabo siqu nokucoceka kwekhaya. Uma noma yibaphi benokushiyeka kulesici, ngokuqinisekile kungenziwa ushintsho emikhubeni yabo siqu ukuze baqikelele ukuhlanzeka kwabo okungokomzimba. Wonke amalungu omkhaya adinga ukubambisana ukuze kugcinwe indlu ihlanzekile futhi ihlelekile. Ikakhulukazi lapho simelela uJehova enkonzweni sifuna ukuba ngabazilungise ngendlela ehlanzekile futhi sigqoke izingubo ezibukekayo, ezihlanzekile, futhi ezinesizotha ngokubukeka. Ngaleyondlela sidumisa uNkulunkulu wethu ongcwele.—1 Pet. 1:14-16.

5 Izihloko zesikhathi esizayo zeNkonzo Yethu YoMbuso ziyosikhumbuza ngezinye futhi izici ezibalulekile zokulunga kwaphezulu esafunda ngazo emhlanganweni wesigodi wangonyaka odlule. Lokhu kuyoba usizo kithi sonke njengoba sisebenzisa lezimiso zokulunga ekuphileni kwethu kwansuku zonke nasenkonzweni yethu. Ngokungafani nabaningi kweLobukholwa abasilalela ngenjabulo isigijimi soMbuso kodwa bangakwenzi esikushoyo, sithola injabulo enkulu neyenzuzo yomuntu siqu ngokuba “ngabalenza izwi, hhayi abalizwayo kuphela.”—Jak. l:22-25, Hez. 33:32.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela