IBhokisi Lemibuzo
● Ingabe kufanelekile yini ukubhalela iNhlangano noma amahhovisi ayo egatsha ucele amakheli abantu ongathanda ukubhalelana nabo ngezindaba zebhizinisi noma ezinye nje izindaba zomuntu siqu?
Wonke amakheli asemafayilini eNhlangano nasemafayilini ebandla ayimfihlo futhi awanakukhishelwa umuntu ukuba awasebenzise. Ngakho-ke, akekho okumelwe abhalele iNhlangano noma amahhovisi ayo egatsha, ecela ukwaziswa okunjalo.
Ibandla kumelwe liyikhumbule njalo injongo nomsebenzi walo ohilela ukuzinikela kwethu komphefumulo wonke kuJehova nokwenza intando yakhe. INhlangano noma ibandla akunakuzihilela ekusekeleni noma ekuthuthukiseni imisebenzi yebhizinisi. Izinto ezinjalo kumelwe zibhekwe ngokuphelele njengezindaba zokuhweba zomuntu siqu, zangasese umuntu okumelwe azenzele zona ngokwakhe. Abamemezeli abafisa ukubhalelana nabazalwane bakwamanye amadolobha noma ngisho nakwamanye amazwe kumelwe bazihlelele bona izindaba ezinjalo.